
ZIFUNGE zagomela zathi ngeke zibandakanyeke ezigamekweni zemibhikisho enodlame nezibhelu izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT), zithi azikholwa ukuthi ukucekela phansi ingqalasizinda ewusizo emphakathini indlela efanele yokwedlulisa izikhalo.
Zisho kanje ngenkathi zibambisene nezinhlanga ezehlukene ohlelweni lukakhuculula ukungcola nemfucuza enkabeni yedolobha edalwe imibhikisho yakamuva. Kulolu hlelo lwazo bezibambisene nosomabhizinisi, abezinhlaka zikahulumeni namanye amalungu omphakathi. USambulo Thabede uthe izitshudeni zikholwa ukuthi bezingahlomula ngezindlela ezehlukene kuwo wonke amabhizinisi acekelwe phansi. Uthe kuyadumaza ukuthi kuze kwafika kwizinga okube yilo esikhundleni sokuthi abantu belandele izindlela ezifanele zokwedlulisa izikhalo zabo.
“Lezi izenzo zobugebengu ezibulele ikusasa lethu. Njengoba sifunda nje, sithembele ekutheni kube osomabhizinisi abasiqashayo. Uma bengasenawo amabhizinisi kuyacaca ukuthi sizophothula iziqu zethu siyohlala emakhaya njengoba nezinga lokungasebenzi liphezulu nje,” kusho uThabede. USinobuhle Mbhense uthe uyazi ukuthi zikhona izitshudeni ebeziyingxenye yezibhelu, futhi ezinye zazo kungenxa yezinkinga zezimali kodwa kumele ziqonde ukuthi ezikwenzile kuwubugebengu futhi kungase kone ikusasa lazo. Uthe kumele zikhumbule ukuthi kungani zashiya amakhaya zeza eThekwini. “Kungaba kubi uma umuntu engasaziphothuli iziqu zakhe ngoba eseboshiwe. Sizwile nangabantu abafe ngenxa yale mibhikisho, abazali bangaphoxeka kakhulu uma kungabuya isidumbu esikhundleni seziqu. Abanye bethu bangabokuqala abaya emanyuvesi, kuthenjwe thina emakhaya,” kusho uMbhense.
UMnuz Siyanda Ntenga ongusomabhizinisi, uthe uphoxekile ngokuthi izakhamuzi zenze into embi ngale ndlela. Uthe uzwelana kakhulu nosomabhizinisi abancane ngoba abaningi kubo ngeke bebe nawo amandla okulungisa umonakalo nokuthenga kabusha izinsiza ezibalahlekele. “Besisanda kwedlula kumonakalo odalwe iCovid-19, abaningi bebengakasebenzi ngendlela efanele. Lokhu kube isipikili sokugcina emabhizinisini amancane. Abantu balahlekelwe indlela yokuziphilisa, okusho ukuthi mimingi nemisebenzi ezolahleka. Imbi kakhulu into eyenzekile,” kusho uNtenga. UNkz Thandi Fakude oyilungu lomphakathi, uthe abantu kumele bebhikishe ngezindlela ezisemthethweni ukuze izigebengu zingeke zisebenzise imibhikisho yezakhamuzi ukufeza izifiso zazo. Uthe sekuzoba nzima ukwethembana phakathi kwezakhamuzi nosomabhizinisi ngenxa yokwenzekile.
Owesilisa oboshiwe mayelana necala lokubulala u-Anele uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu eningizimu yeTheku. Isidumbu sikaBhengu sitholakale ehlathini eliqhele ngamamitha ambalwa nekhaya lomngani wakhe abemvakashele. Amalungu omphakathi naweLesbian, Gay, Bisexual, Transgender, Queer, and Intersex Life (LGBTQI +) ngoLwesine olwedlule abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwecala lomsolwa obekuyinhloso yokweseka umndeni ka-Anele. Abecula ezwakalisa amazwi awo, enxusa inkantolo ukuthi ingamdedeli ngebheyili lo mlisa osolwa ngokubulala u-Anele. Umsolwa waboshwa ePort Shepstone ogwini oluseningizimu yesifundazwe. Ubhekene namacala amabili, elokubulala nelokushaya ngenhloso yokulimaza. Phakathi kwalabo abebesenkantolo bekukhona nodadewabo osekhulile kamufi, uBusisiwe Bhengu othe, bafuna ubulungiswa.
“Ngithukuthele, ngasikhathi sinye ngilimele kodwa okwamanje ngithola ukuthula ngokuthi ummangalelwa uzohlala esitokisini. Asibadingi abantu abafana naye emphakathini wethu, ngeke siphephe uma besekhona. Indlela abenesihluku ngayo ngokuhlasela udadewethu omncane ngaphandle kwesizathu, njengodadewabo ka-Anele ngifuna kube nobulungiswa, ngifisa ukuthi kukhishwe isigwebo sentambo kuleli cala, ”kusho udadewabo ka-Anele. USihlalo weKwaZulu-Natal Task Team yalabo abangahambisani nokucwasa nokuhlukunyezwa kwabathandana nobulili obufanayo, ku-LGBTQI +, uNonhlanhla Mkhize, uthe izinkantolo akumele zithambise emacaleni anje. “Ngakho-ke, njengomphakathi wamaLesbians, amaGays, abesilisa nabesifazane kanye nabakwaTransgender siyazi futhi siyacacisa ukuthi ukuhlala kwethu namuhla enkantolo sizophikisana nesicelo sebheyili,”ushop kanje.






