
IZIGAMEKO zakamuva zokudutshulwa, kubulawe abantu eMlazi seziholele ekutheni amaqembu aphikisayo efune izimpendulo mayelana nokuphepha komphakathi, athi amaphoyisa kanye noMnyango wezokuPhepha koMphakathi wesifundazwe kumele uchaze ukuthi uzobhekana kanjani nale nkinga.
Lokhu kuqhamuka ngemuva kokubulawa kwabantu abangu-12, kwalimala nabaningi esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili kwizigameko ezehlukene. Zenzeke esigcemeni sakwa-W nakwa-H. Okwamanje bekungakakaqinisekiswa ukuthi zonke lezi zigameko zihlobene. Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuvela ukuthi Umlazi uhamba phambili ngobugebengu njengoba uphinde wahamba phambili ngamacala okubulala abantu isifundazwe sonke, kwizibalo zakamuva zobugebengu ezikhishwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele. UMnuz Blessed Gwala okhulumela i-IFP ezindabeni zokuphepha komphakathi kulesi sifundazwe uthe, iNkatha isamile ekutheni izigameko ezifana nalesi zisazoqhubeka nokwenzeka KwaZulu-Natal kanye nezwe lonkana uma zingakaqoqwa zonke izibhamu ezingekho emthethweni. “Nomphakathi awungathuki uma sekwenzeka isigameko ekubeni kukuningi okubi okwenzeka phambi kwawo ungasho lutho. Sithi amaphoyisa awenze umsebenzi wawo ukuze kuzoboshwa bonke abantu abathintekayo,” kusho uGwala.
UNks Sharon Hoosen okhulumela iDA kwezokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal, uthe lokhu kwenziwa ukuthi isiteshi samaphoyisa saseMlazi sishoda ngezinsiza kanti kuphazamiseke nezinhlelo zaso kuzo okubalwa ezokuqeqesha nokuqashwa kwamaphoyisa. “Okubi ukuthi uCele uhambela izindawo lapho osekwenzeke khona izigameko ezibikwa abezindaba kodwa alukho ushintsho. Sekuyisikhathi sokuthi eyeke ukwanda ngomlomo, aqhamuke namasu azophephisa umphakathi. Abantu sebekhathele ukulinda, bafuna ushintsho,” kusho uHoosen. UCele uveze ukuthi kwababulewe abathathu bebefunwa ngamacala obugebengu, oyedwa ebesanda kudedelwa ejele. Abadutshulwe kwa-W bebebungaza ukudedelwa komunye ejele. UCele uthe kungenzeka ukuthi ababulewe bebethinteka ekuthengisweni kwezidakamizwa. “Kuyavela ukuthi kungenzeka ukuba bekubangwa imngcele yokuthengisa izidakamizwa. Lo obekubungazwa ukudedelwa kwakhe, unomlando ongemuhle ofaka ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni kanye nokubamba inkunzi,” kusho uCele.
UMnuz Sifanele Manyoni ongumfowabo womunye wabashonile, uthe ebengalindele ukuthi umfowabo angabulawa ngesihluku esingaka. Uthe umndeni ufuna amaphoyisa enze umsebenzi wawo ukuze bezothola ubulungiswa. “Asazi kungani kwenzeke lento. Sisadidekile, sikholwa ukuthi umphakathi owazi kangcono. Thina sifikele endaweni yesigameko sesizohlola umonakalo, omakhelwanye yibo abanolwazi oluphelele ngokwenzekile,” kusho uManyoni. UNks Peggy Nkonyeni onguNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uthe kuyadumaza ukuthi kubulewe abantu ngale ndlela. Uthe amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukuthola ababulali. Wedlulise amazwi enduduzo emndenini yabashonile. Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe okwamanje amaphoyisa awakasitholi isizathu sokuhlaselwa kubulawe abantu. Uthe mkhulu umsebenzi omele isiteshi, waveza ukuthi sekuhlanganiswe ithimba labaseshi eliyisipesheli elizophenya ngala macala.






