Kufihlwa izisulu zezikhukhula

0
118
Usizi kufihlwa abashone enhlekeleleni edalwe yizimvula ezinamandla

SISALOKHU siqhume nxa zonke isililo ezinkonzweni zemingcwabo ethe chitha saka ehlelelwe ukufihlwa kwezisulu ezibhubhe ngesikhathi kunemvula ebinamandla ehlasele ezindaweni ezahlukene ikakhulukazi eThekwini namaphethelo.

Isililo siqale ngempelasonto lapho bekunemingcwabo eyahlukene entshonalanga yeTheku, okuhlanganisa iMolweni, eHammarsdale kanye naseDassenhoek lapho imikhandlu yamabandla kanye nezigungu zabefundisi ngokwehlukana kwezigceme bezenza isiqiniseko sokuthi konke kuhamba ngohlelo. Lokhu zikwenza ngokwelekelelana namathimba kaMasipala weTheku, uHulumeni ezingeni lesifundazwe kanye nozwelonke. Phakathi kwezinkonzo zemingcwabo ezinye zazo bezithanyelwe uNdunakulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala kanye noNgqongqoshe wezeziMali kulesi sifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube. UMnuz Zikalala ubehlangenyele nomphakathi obubuthene ebandleni lakwaMoya, ePeacevale Misison, ngaphandle kwaseHammarsdale lapho bekunenkonzo yomngcwabo wamalungu omndeni akwaJileka okunguNks Bonakele Jileka (37), u-Akhile Jileka (12), uZekhethelo Jileka (10) uYenzokuhle Jileka (9) kanye no-Elimiyo Jileka (2).

UNkk Dube-Ncube ubehlanganyele nomndeni wakaMkhize, enkonzweni yomngcwabo kaNks Thobekile Mkhize nabantwana bakhe ababili Sbongakonke Mkhize no Lisakhanya Mkhize ebisenkundleni yezemidlalo ngasesikoleni eNdlulamithi, kuWard 6, eHammarsdale. UNgqongqoshe Dube-Ncube udluliseV amazwi enduduzo kumndeni wakwa Mkhize.Bonke oNgqongqoshe beholwa uNdunankulu Zikalala bahambele imindeni ehlukahlukene ukuyofihla izihlobo zabo. “Siduduza yonke imindeni ebhekene nalesisikhathi esinzima kangaka. Singuhulumeni siholwa UNdunankulu Zikalala, sizoqhubeka nokusiza yonke imiphakathi nemindeni ehlukumezekile ngenxa yezikhukhula,”kusho uNgq.Nomusa Dube-Ncube. Ku-Ward 8 okuyindawo ehlanganisa iMbo nezinye izindawo ezakhelene nayo ngaphansi kukaKhansela uMarco Mbambo bekunemingcwabo emibili, omunye bekungowakwaNgubane wamalungu amathathu obuseMbo Power of God kanye nowengane yakwaCebekhulu obuseCity Hill. Nayizolo ngoLwesithathu ibikhona eminye imingcwabo, phakathi kwayo okubalwa nobusesontweni labaPhostoli, eRiverview, eMbo.