Kuboshwe inqwaba ngesikhathi somkhankaso wokuqondiswa ubugwegwe

0
156

uLieutenant Colonel Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe ochaze ngesibalo sezaphula mthetho eziboshiwe

BANGAPHEZU kuka-9 000 abantu ababoshwe kulesi sifundazwe ngesikhathi amaphoyisa ephume imikhankaso eyahlukene yokuqondiswa kwezigwegwe ngenyanga edlule. Kulaba bantu kubalinganiselwa ku-200 ababhekene namacala ezinsolo eziphathelene nokubulala.

Ngenyanga edlule amaphoyisa akulesi sifundazwe aqale imikhankaso eminingi athe inhloso bewukunciphisa izinga eliphezulu lobugebengu, ikakhulukazi ubugebengu bokuxhumana. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kunemikhankaso eyahlukene eyenzeka ezindaweni okuhloswe kuzona ukuqeda izinsolo ezithize zobugebengu futhi le misebenzi yenziwe kuzo zonke izifunda eziyishumi nanye esifundazweni. UGwala uthe bangu-9169 abantu ababoshelwe amacala ehlukene. Ngokusho kukaGwala, amaphoyisa akwazile ukubopha abangu-198 ngamacala okubulala, angu-157 okuzama ukubulala, angu-291 okubamba inkunzi, angu-259 okudlwengula, 2033 okushaya, 289 okugqekeza kanti abangu-1568 baboshelwe amacala ahlobene nezidakamizwa. Uthe inqwaba yezidakamizwa ezifana ne-heroin, cocaine, ecstasy, crystal meth nensangu zishaqwe ngamaphoyisa.

“Izimpahla zomgunyathi okuhlanganisa nogwayi nazo zishaqwe ngesikhathi amaphoyisa esebenza. Impahla eyebiwe okuhlanganisa nezimoto ezingu-205 ezebiwa noma ezigetshengwa kubanikazi bazo abasemthethweni, zitholwe ngamaphoyisa. Ezinye izimoto ezingu-43 zishaqwe emuva kokuthi zisetshenziswe ekwenzeni ubugebengu,” kusho uGwala. Uthe amaphoyisa aphinde ashaqa izibhamu ezingu-282 ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso. Phakathi kwezibhamu ezishaqiwe kubalwa izibhamu ezingu-16 zokuzenzela, ama-revolver angu-237, ama-rifle angu-15, ama-shotguns angu-9, nezibhamu ezinhlanu ezizisebenzelayo. Uthe zingu-2897 izinhlamvu ezishaqwe ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, kwatholwa nemfuyo efana nezinkomo, izimbongolo, izimbuzi nezimvu ngamaphoyisa.