Izikhukhulula zidlule nabafundi abangu-57

0
132

 

UNgqongqoshe u-Angie Motshekga kanye noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ngoLwesibili bavakashele izikole eziningi esifundazweni ukuyobheka umonakalo.

BABALELWA ku-57 abafundi abashone ngenxa yezikhukhula, abangu-320 000 abathintekile kwadaleka umonakalo ongaphezulu kuka-R400m ezikoleni eziceleke phansi.

UMnyango weMfundo eyisiSekelo uthi kuzodla u-R442 million ukulungisa izikole ezicekelwe phansi yizikhukhula kulesi sifundazwe. NgoLwesibili, uNgqongqoshe u-Angie Motshekga kanye noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, bavakashele izikole eziningi esifundazweni ukuyobheka umonakalo. UMshengu uthe kuze kwashaya uLwesibili ekuseni ukuze bakwazi ukubala izindleko zokulungisa ingqalasizinda. “Isamba sokuqala singu-R442 million, sithinta ingqalasizinda kuphela. Ziningi izinto ezimoshekile ezikoleni. Izimpahla azisekho, okwamanje sisawubala umonakalo odalekile. Lesi sibalo sisazokhuphuka.Izikole ezikhahlamezekile zilahlekelwe yikho konke ukufunda nefenisha,”kusho uMshengu. UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthe zingu-630 izikole ezikhahlanyezwe yizikhukhula. Kulezi, ezingu-124 zilimele kakhulu. Izikole ezimbili nazo bezisetshenziselwa ukuhlalisa abantu abangenamakhaya. UMshengu uthe abantu bazoyiswa kwezinye izikhungo ngoLwesibili ntambama (esho lolu Lwesibili esiphuma kulo njengoba namuhla kunguLwesine), ukuze kuqale ukufunda. Bekukhona nezikole ezingu-101 ebezingangeneki.

UMotshekga uthe: “Akungeneki kwabanye abafundi, kodwa abanye abafundi abangeneki. Esiphezu kwayo wukuhlukanisa ukuthi ubani kulabo bafundi abaphuma ezikoleni ezingu-101 abangakwazi ukuya esikoleni. Babalelwa ku-57 abafundi abashonile, abahlanu belahlekile. Kuphinde kwashona uthisha oyedwa nomuntu ophatha ukudla ngenxa yezikhukhula. UMotshekga uthe umonakalo owenzekile ezikoleni ubuyisela emuva. “Lokhu kusibuyisela emuva kakhulu ngoba sinezinkinga ezinkulu zengqalasizinda kulo mkhakha. Kusho ukuthi kufanele siqondise kabusha izinsiza ezizosiza ezinkingeni eziqhubekayo,”kusho uMotshekga. Uthe umnyango ubheka umonakalo ukuze ubone ukuthi ukufunda kungabuyela nini kwesijwayelekile. “Sihlola ukuthi umonakalo ukuphi nokuthi yini engenzeka ngaphansi kwezimo nokuthi yini okumele siyenze ukuze izinto zibuyele esimeni esijwayelekile.

Sizobe siletha amathimba onjiniyela abazohlola umonakalo. Izincwadi nazo ziyinkinga… uma sifuna kuvulwe izikole, sithumele izincwadi ngoba zonke ezicekeleke phansi, impela sikubeka eqhulwini okumele sikwenze ukuze kuvulwe izikole, sifuna zivulwe izikole ngokushesha,” usho kanje. UMotshekga uthe esinye isizathu esibalulekile sokuvula izikole ukuthi kubalwe izindleko zabantu ngenxa yezikhukhula. “Sizokwazi ukubona ukuthi bangaki abafundi abangakabuyi esikoleni. Bangaki abashonelwe abazali nemindeni. Yingakho kubalulekile ukuthi kuvulwe izikole.” Uthe izikole zizokwazi ukusebenzisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukuze zisize abafundi ngokwengqondo. UMotshekga uthe umbiko uzothunyelwa eMnyangweni wezokuXhumana ngoLwesihlanu, ochaza kabanzi ngokuzodingeka. Uthe nezinhlelo zokufaka abafundi ezikoleni ezingomakhelwane nazo zikhona emakhadini.