Ithemba enikelelwa ngesihlalo

0
62

KUBUYE ithemba kanye nesithunzi ngesikhathi isaguga sase Thekwini sinikelelwa ngesihlalo esinamasondo. Lo mnikelo wenziwe yihhovisi lika Masipala weTheku elibhekelela izinkinga ezahlukene emphakathini.

Obhekelele abaxakekile kuwadi 62 uNks Thobeka Mthethwa uthi waphatheka kabi uma ebona isimo sika Nkk Nelly Gcabashe obengasakwazi ukuzihambela kahle ngenxa yokuguga, wabe esefuna usizo lokuthi anikelelwe ngesihlalo esinamasondo (wheelchair). “Kwangiphatha kabi ukubona uNkk Gcabashe eswele isihlalo esinamasondo. Uma kufanele ayiswe emtholampilo noma  kumele aye emahhovisi omnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ubebhekana nenselelo enkulu. Ngesikhathi kufanele ayogomela iCovid-19, saphoqeleka ukumthwala ngengubo ukuze ayogoma,” kuchaza uNks Mthethwa.

Uveze ukuthi kwabaphatha kabi kakhulu ukuthwala isaguga ngengubo, wabona kuwumqondo omuhle afune usizo lokuthi atholelwe i-wheelchair. Lesihlalo esinamasondo samukelwe yindodakazi kaNkk Gcabashe.  UNksz Jabu Gcabashe uthe bewumndeni bajabule kakhulu ngalo mnikelo. “Sijabule kakhulu ngalo mnikelo futhi uzoba wusizo kumama kanye nakithina siwumndeni ngoba usezokwazi nokwenza izinto ebezinzima ukuzenza. Ukuba khona kuka Thobeka kule wadi kuyisibusiso kithina,” kusho uNksz Gcabashe. Uphethe ngokuthi athi umama wakhe usezokwazi nokuhamba kahle endlini kanjalo noma efuna ukuya emtholampilo ngeke kusabanzima kakhulu, kodwa sebezomqhuba ngesihlalo sakhe.