Ithemba elisha ngokubuyiselwa kwamanzi eThekwini

0
149
Izikhukhula ezidale omkhulu umonakalo ziphazamise nokuphakelwa kwamanzi ngendlela njengoba sibona esithombeni ezinye zezakhamuzi nazo ezibhekane nengwadla yokungabikho kwamanzi

KULINDELEKE  ukuthi abuyiselwe amanzi ezindaweni ezehlukene eThekwini ngemuva kokuthi izindawo eziningi ziphazamiseke amahora amaningi ngempelasonto.

UMasipala weTheku uthe ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi kusezindaweni eziningi okubalwa eziMaphakathi nedolobha, iNingizimu, iNyakatho kanye neNtshonalanga yeTheku.

Ukuphazamiseka kwamanzi kudalwe ikakhulukazi ukuphazamiseka kokukhiqizwa kwamanzi eDurban Heights Water Treatment Works. UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala uthe amathimba asebenzela ukulungisa amaphampu ngemuva kokulinyazwa yizikhukhula ezindaweni zokuhlanza amanzi.

“Ngenxa yalesi sizathu, kwaphazamiseka uhlelo lokusatshalaliswa kwamanzi, futhi lokhu kwabangela ukuba amanye amadamu aphelelwe amanzi, ngaleyo ndlela kuphazamise ukutholakala kwamanzi kubasebenzisi. Ukulungiswa kwe-Durban Heights Water Treatment Works sekusezingeni eliphezulu.

Izakhamizi ezihlinzekwa yilo mshini kulindeleke ukuthi zibuyiselwe amanzi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.“ESifundeni Esimaphakathi, ukuphazamiseka kudalwa ukuncipha kokukhiqizwa kokwelashwa e-Wiggins Water Treatment Works okubangelwa amanzi aluhlaza anodaka. UMngeni noMasipala baluqaphile uhlelo,” kusho uMayisela.

Uthe kulindeleke ukuthi izakhamuzi ezihlinzekwa yilo mshini zithole amanzi aphelele ekupheleni kwesonto elizayo. Amathangi amanzi ayatholakala ukuze aphendule kuzo zonke izindawo ezithintekile.

“Laba bahlali abasawathola amanzi bayacelwa ukuthi bawasebenzise ngokuwonga njengoba uMngeni nomasipala bezama ukulinganisa nokwenza uhlelo. “Umasipala uyaxolisa ngokuphazamiseka okwenzekile futhi unxusa izakhamizi ukuthi zibekezele ngesikhathi uMngeni nomasipala bematasatasa nokubuyisela amanzi ezindaweni ezithintekile,” kusho uMayisela.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi, umphakathi ungathinta inombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma usebenzise inombolo ye-WhatsApp Water and Sanitation ku-073 1483 477. Noma, i-imeyili: Eservices@durban.gov.za