KULINDELWE ukuthi kuthuthuke amamaki atholwa abafundi basezikoleni ezingu-10 zaseThekwini, kwisifundo iPhysical Science ngemuva kokuthi iSmiths Manufacturing inikelele uMasipala weTheku ngezinsiza zokuqonda kangcono lesi sifundo ezihambisana nohlelo loMnyango weMfundo eyiSisekelo lweCAPS.
Lokhu kuhlose ukugqugquzela uthando lwezeSayensi, ezobuChwepheshe kanye nezobuNjiniyela kubafundi, kubavulele namathuba kwizikhungo zemfundo ephakeme khona okuzoholela ekuthuthukeni komnotho wezwe eminyakeni ezayo. Uhlelo ludle imali engu-R295 000.
UNks Futhi Buthelezi onguMqondisi wakwaNdabazabantu kule nkampani, uthe izinga lemfundo lithuthuka kuphela uma abafundi bethola konke abakudingayo, okungenzeki ngendlela efanele kuleli ngenxa yokushoda kwezinsiza ikakhulukazi emphakathini yabantu ababencishwe amathuba phambilini.
“Izikole eziningi azenzi kahle ngenxa yokushoda kwengqalasizinda nezinsiza ezifanele zokufundisa lezi zinhlobo zezifundo. Sibe sesikubona kusemqoka ukuthi sifake isandla, sisize ekuthuthukiseni indlela okufundwa ngayo lezi zifundo ezikoleni,” kusho uButhelezi.
IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda owamukule umnikelo, uthe liselikhulu igebe iNingizimu Afrika okumele ilivale emkhakheni weScience, Technology, Engineering and Maths (STEM), elizovaleka kuphela uma kukhuthazwa abafundi ukuba bengene kule mkhakha, bephinde bethole konke abakudingayo.
“Kuyajabulisa ukubona ukubambisana kwezinkampani ezizimele nohulumeni kwazise yizo izinkampani ezizimele ezizama ukuxazulula inkinga yegebe kule mkhakha. Izinsiza ezinikelelwe izikole zizosiza kakhulu ekuthuthukiseni izinga lemfundo kuleli,” kusho uKaunda.
Uhlelo lwethulwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC). Izinhlelo zokufunda izifundo zale mkhakha zizokwengamelwa uMnuz Ahmed Motala weNew Africa Education Foundation. Le nhlangano izohamela kulezi zikole, ibambisane nothisha abafundisa lezi zifundo.






