
Isilo Samandla onke, iNkosi uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi siyohlola umonakalo ezindaweni ezahlukene. Lapha kungesikhathi siseNazareth, ngasePinetown, entshonalanga yeTheku.
ISILO Samababndla, uMisuzulu kaZwelithini sikhuthaze abantu ukuthi bangayi emifuleni nasemihosheni ngesikhathi kusaqhubeka izimvula khona kuzogwemeka ukukhuphuka kwesibalo sabantu abashona ngenxa yalesi simo esesidlule nenqwaba yemiphefumulo.
Isilo lokhu sikuzwakalise enkulumeni yaso esiyethule ehholo lomphakathi eNazareth ngaphandle kwasePinetown entshonalanga yeTheku ngeSonto lapho okubikwe ukuthi kushone abantu abangu-21. Ngesikhathi iSilo sikulolu hambo lwaso lokuhlola umonakalo odalwe yimvula enamandla eshiye kukhalwa nxazonke besiphelezelwa uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, usomabhizinisi uMnuz Patrice Motsepe obehambisana nonkosikazi wakhe, uDkt. Precious Motsepe, ikhansela laku-Ward 16 iNazareth engaphansi kwayo, uKhansela Bongani Ngubane kanye nezinye izikhulu zikahulumeni emikhakheni eyahlukene. Enkulumeni yaso iSilo sizwakalise ukukhathazeka ngomonakalo odalwe yizimvula sanxusa ukuba kushwelezwe ngokwenzekile.
Sithe imvula iyisibusiso kodwa inkinga enkulu manje seyiphenduke isiqalekiso. Sithe kufanele kunxuswe uNkulunkulu ukuba asikhanyisele, kuphinde kukhulekelwe ukuthi umphakathi uphephe. UMnuz Motsepe kanye nonkosikazi wakhe, uDklt. Motsepe bakhiphe umnikelo kaR30 million. Kuvele ukuthi ibalelwa ku-500 imizi ecekeleke phansi nokwenze iningi labantu lathuthelwa ehholo lomphakathi nakwezinye izindawo. Ngesikhathi sokuloba loludaba bekusathungathwa abantu abangu-16 abaduke ngesikhathi kunemvula ebinamandla.






