Isikhalo ngoMnyango wezaseKhaya eClermont

0
109
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNks Nonhlanhla Khoza benoKhansela Sibongiseni Mkhize bebonisana ngokuthile ngesikhathi belalele izikhalo zomphakathi waku-Ward 22, eClermont

UMPHAKATHI waseClermont uzwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokuvalwa kwehhovisi loMnyango wezaseKhaya ebeliseSizakala Centre, kuleli lokishi wathi lokhu kudala okukhulu ukuhlukumezeka ngoba leli hhovisi beliwusizo kakhulu.

Lokhu ukuzwakalise kuNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNks Nonhlanhla Khoza ngesikhathi ejutshwe ukoyolalela izikhalo zomphakathi nokubheka isimo sonke nje senqubekela phambili ekuthuthukisweni kwawo ku-Wadi 22, njengengxenye ye-Operation Sukuma Sakhe. Akusisona sodwa lesi sikhalo, okunye wudaba lemizamo yokuqeda izidleke zezidakamizwa, ukusizwa kwentsha enezinhlangano ezingenzi nzuzo, udaba lokwakhelwa kwabantu izindlu zomxhaso, ubugebengu kanye nohlelo lokwakhelwa kwabantu abayimisinsi yokuzimilela kuleli lokishi njengoba kuvele ukuthi imixhaso eminingi itholwa ngabantu abaqhamuka ngaphandle kwelokishi phezu kokuba bona abawumsinsi babewa bevuka bezabalaza. Ngaphambi kokuba ayolalela izikhalo zomphakathi uNks Khoza emhlanganweni obusenkundleni yezemidlalo iFNB kuleli lokishi uqale ngokuthi ahambele izindawo ezahlukene, ukubheka isimo ephelezelwa yikhansela le-wadi uKhansela Sibongiseni Mkhize obuye abenguSotswebhu omkhulu kuMasipala waseThekwini.

UNks Nompumelelo Mkhize obengomunye wabadlulise izikhalo uthe, ukuba khona kohlelo olungasiza ukuba kwakhelwe abantu abanezindawo izindlu njengoba kubonakala ungatholakali umhlaba. UBongani Nzama naye ohlala kule wadi, uthe naye njengomuntu omusha unenhlangano esiza umphakathi, kodwa abalutholi uxhaso kuhulumeni yize bezinikele ekubhekeleni intuthuko yabasha. “Mhlawumbe MEC (Ngqongqoshe) okwami kuzoba kufushane kakhulu ngoba kugxile kuSocial Development, ngikhuluma kahle ngoba ngikhuluma nohulumeni oholwa yi-ANC. U-ANC ukhuluma ngenselelo enxantathu, okuwububha, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nodaba oluyindida lubulili njengoba kukhulunywa ngodlame lomndeni nokunye.

Mina ngifuna ukukhuluma ngalokhu okuthinta ukuntuleka kwemisebenzi, okuhambe kusiholele ekusetshenzisweni kwezidakamizwa. Lewadi iyiwadi egcwele kakhulu abantu abasha abasebezisa izidakamizwa. I-ANC njengohulumeni wethu wesikhathi osiholayo ukhuluma ngepholisi enhle  ekhuluma ngokuthi uhlelo lokuguqulwa komnotho, futhi lepholisi inezinselelo eziningi lapho i-ANC kufanele iphumele obala ithi ngeke sibe nama-wadi noma izindawo lapho izidakamizwa ezisetshenziswa sengathi kuphuzwa isiphuzo. Ngoba uma sizimisele ngokuthi sifuna ukusiza umphakathi wethu, kufanele sibhekane nazo zonke lezi zinto eziwuhluphayo. Udaba lwezidakamizwa lugcina seluwudaba oluholela odlameni lomndeni, ukubamba inkunzi, kugcine sekuba nabantu abaphiwa igama elithi bangamaphara phezu kokuba sinohulumeni oholwa yi-ANC, okhuluma ngokuguqula umphakathi futhi uwuhlomise ukuze ube nekusasa eliqhakazile.

Ngiyacabanga ukuthi uMnyango wekuthuthukiswa koMphakathi kufanele ube nebhajethi ezogxila kakhulu kuma-wadi. Noma sikuqonda ukuthi zikhona izinhlangano zomphakathi ezingenzi nzuzo ezisebenza ubusuku nemini zizikhandla kodwa uma siya kwaSocial Development, kuthiwa ngeke siluthole uxhaso ngoba kukhona inhlangano exhasiwe esebenza kuleyondawo. UNgqongqoshe uqale ngokubonga uKhansela Mkhize wathi uyabonakala umsebenzi awenzayo kule wadi. Uthe ezinye izikhalo ziyinselelo yabo bonke abantu hhayi eClermont kuphela. Uthe izikhalo uzozidlulisela phambili, futhi uzobuya azowutshela umphakathi ukuthi uhambe kanjani. Uthe udaba loMnyango wezaseKhaya uzolusumela bazolulungisa.