Isikhalo ngamadoda ahambela kude nezikhungo zezempilo

0
168
Abantu baseMawoti bebephume ngobuningi babo ukuyohlolela izifo ngenkathi bevakashelwe abasebenzi bezempilo kanye nezikhulu zoMnyango wezeMpilo wesifundazwe

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usakhala ngamadoda ahambela kude nezikhungo zezempilo, usola lokhu ekusabalaleni kwezifo ezelaphekayo njengomdlavuza nesifo sofuba kanye nezifo ezibulala abantu ekubeni zilawuleka isandulelangculazi nesifo sikashukela.

Okunye okunesandla ekusabalaleni kwezifo ukuthi kusanezinkolelo zokuthi kukhona ukugula okudalwa ubuthakathi. Lokhu kuvezwe iNhloko yoMnyango uDkt Sandile Tshabalala ngenkathi umnyango wethula imitholampilo engomahambanendlwana ka-R1.5 million enikelwe abakwaSasol SA, eMawoti, muva nje. Isifo sohlangothi singesinye sezifo ezimataniswa kakhulu nobuthakathi. UTshabalala uthe kusemqoka ukuthi abantu bevakashele izikhungo zezempilo ukuze kuzohlolwa izinkomba eziholela kulesi sifo, bekwazi ukuthola usizo kusanesikhathi. Uthe abantu kumele besikhathalele isimo sabo sempilo. “Kumele siqhelelane nezinkolelo zokuthi umuntu ohlaselwe isifo sohlangothi uthakathiwe, sikuvumele ukuthi lesi sifo sidalwa izinto eziningi, siphile nangendlela ezosivikela kuso. Ukuzivocavoca nokuhamba amabanga amade kuyasiza ekutheni igazi lihambe kahle emzimbeni,” kusho uTshabalala.

Weluleke umphakathi ngokuthi ukubhema, ukudla ukudla okunoshukela, okunosawoti, okunamfutha kanye nokuphuza utshwala ngokweqile kuyawenyusa amathuba okuhlaselwa isifo sohlangothi. Uthe uyaqonda ukuthi izinongo eziningi zenza ukudla kube mnandi kodwa babeke impilo yabo phambili ngokudla ukudla okunempilo. “Kumele sibuyele kwindlela yakudala yokuphila singakawazi ushukela, silandele ezinyathelweni zobabamkhulu bethu ababedla ukudla okubilisiwe. Seziziningi kakhulu izinongo okwenza impilo yethu ibe sengozini, sekumele sidle ukudla okuzovikela izimpilo zethu hhayi ngoba kumnandi,” kusho uTshabalala. Ngokombiko ka-Edmore Ranganai noLyness Matizirofa olotshwe kwiSouth African Medical Journal, izibalo zabantu abahlaselwa isifo sohlangothi ziyaqhubeka nokwenyuka ngenxa yokushintsha kwendlela yokuphila, abantu abasengozini enkulu ilabo abakhuluphele ngokweqile nabanomfutho wegazi ophansi.

Kwezinye zezinkomba zalesi sifo kungaba ukuba nesiyezi esingapheli, ukukhathala okungapheli, ukulahlekelwa umuzwi ohlangothini, ukungaboni ngendlela ejwayelekile, ukwehluleka ukuhamba, ikhanda elingapheli noma ukwehluleka ukukhuluma. Abantu abahlaselwe isifo sohlangothi basengozini yokulimalelwa ubuchopho. Ngosuku lomcimbi kuphinde kwafundiswa umphakathi ngezifo ezehlukene nendlela yokuzivikela kuzo nokuzelapha, kwahlanganiswa amadoda ukuyowanika ulwazi ngodlame lobulili nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Kugqugquzelwe nabantu abasha ukuba besize ekusabalaliseni ulwazi olusemqoka ngesimo senhlalakahle.