Isexwayiso samaphoyisa kubazali

0
237
Amaphoyisa eseguibili labafundi esesha izikhwama. Ngezinye zezinto ezitholakale ezikhwameni zabafundi ezangafanele ukuba abafundi baziphathe ngesikhathi sesikole

KUTHOLAKALE inqwaba yamaselula, izigqoko kanye nezinye izinto ezingafanale ukuphathwa yizingane esikoleni ngesikhathi sesikole nokuholele ekutheni kube nezingane ezithola izincwadi zezexwayiso, ezithunyelwe kubazali bazo.

Lokhu kwenzeke emkhankasweni wamaphoyisa aKwaNdengezi ngaphandle kwasePinetown, entsholanga yeTheku ngesikhathi ephume umkhankaso wokuqinisekisa ukuphepha ezikoleni.

Amaphoyisa abephume lomkhankaso wokungena kuwo wonke amagumbi afundela izingane lapho ebesesha izikhwama kulandela isehlakalo sakamuva esenzeke kuleli lokishi esikoleni kugasela izinswelaboya ezagwaza abafundi kwaphetha ngokuthi kube nabafundi abane abalimalayo.

Ukuhlasela kwezinswelaboya esikoleni eDassenhoek High zazihlose ukwenza ubugebengu, njengoba kwavela ukuthi zazifuna amaselula, izikhwama zemali kanye nokunye kubafundi kanye nothisha abafundisa kulesi sikole samabanga aphezulu ngenyanga edlule.

Kuthiwa izinswelaboya ezahlasela kulesi sikole zephula uthango ukuze zikwazi ukungena zatholana phezulu nabafundi. Izigebengu kuthiwa zazihlome ngesibhamu nemimese kodwa ezinye zazo zagcina ngokuboshwa.

Ngokusho kokhulumela uphiko lwezokuxhumana emaphoyiseni aKwaNdengezi, uConstable Khanyisile Mbokazi, ngemuva kwalesi sehlakalo esenzeke esikoleni eDassenhoek bengamaphoyisa bathathe isinqumo sokuba bangene isikole nesikole ukuqinisekisa ukuphepha nokuthi azikho yini izinto eziyingozi eziphathwa abafundi nokuthi azikho yini izinto ezingadonsela abafundi amanzi ngomsele ezigebengwini njengokuphatha amaselula nokunye.

Phakathi kwezikole asebehambele kuzo kubalwa iMathinta neFundinduku lapho amaphoyisa abebuye aqhube nomkhankaso wokuqwashisa abafundi ngobugebengu, kuxwayisa nangobuxhanguxhangu, ububhoklolo, ukusebenzisa izidakamizwa esikoleni okuyinto engalungile nokunye okungaholela ekutheni umfundi agcine eseboshwa alahlekelwe yikusasa lakhe.

UConst. Mbokazi uthe, “Sicela abazali ukuthi baqikelele ukuthi ama cellphones, izibuko kanye nezigqoko abantwana babo abakuphathi esikoleni. Lokhu kuwumthelela omubi kubafundi njengoba sekune challenge (inselelo) ebizwa ngo”mlando” ezikoleni”.

“Khona kunezinto esingazigwema singabazali kungaze kungenelele amaphoyisa kuzona. Njengokuqiikelela umfaniswano wesikole ukuthi ingane iwugqoke ngendlela evumelana nomthethosisekole wesikole,”kusho uMbokazi, othe baphinde bathola abantwana bangu-67 babanikeza isexwayiso ngokuzibandakanya nezigilamkhuba ezingasafundi ezibadayisela izidakamizwa notshwala.

“Amaphoyisa akwaNdengezi asemkhankasweni wokusesha izikole nokuxwayisa ngobungozi bezidakamizwa, ibulling (ububhoklolo) nokucwasana kwabafundi. Singajabula uma abazali bengalekelelana nathi nothisha ukuze kwande ukuphepha ezikoleni,”kuphetha uConstable Mbokazi.