ISancoyc ikhala ngezinga eliphezulu lokuntula kwentsha

0
72
UMdidiyeli weSANCO Youth Congress kulesi sifundazwe uThulani Gamede

NJENGOBA sekuziqalile izinhlelo nemvunge ngokubungazwa kwenyanga yeNtsha uJuni, kodwa inhlangano yentsha engaphansi kweSouth African National Civic Organisation kulesi sifundazwe, SANCO Youth Congress (SANCOYC) ikuchaza njengechilo ukungabonakali kwezinhlelo zokuthuthukisa intsha.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngokuhlanganyela uMdidiyeli walolu phiko, uThulani Gamede, kanye noMgqugquzeli walo, uRonnie Madlala, ngoLwesibili iminwe iyibhekise kuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa emsola ngokuqongelela ingcebo eqondene naye kuphela.

“Njengoba sigubha inyanga yentsha, intsha ehlala ngaphansi kweSouth African National Civic Organisation Youth Congress in KZN (SANCOYC) ibheka okwenzeka ezweni ngentshisekelo enkulu.

Intsha ihlezi ikhathazekile ngoMengameli Ramaphosa onentshisekelo yokuqongelela ingcebo yomuntu siqu kuphela esikhundleni sokugxila ekuthuthukisweni kwentsha kwezomnotho,”kusho isitatimende.

“Sisakhathazekile ikakhulukazi ngokuthi ngesikhathi lapho uhulumeni kufanele agxile endleleni yokusheshisa ukuqaliswa kwezinhlelo zokufukula intsha kwezomnotho, esikhundleni salokho, kunemibiko eshaqisayo yezinsolo ezibucayi zobugebengu ezithinta uMongameli Cyril Ramaphosa,”isho kanje.

Akuyona into embi kodwa kuyihlazo ukuthi ngesikhathi intsha ingasebenzi, uMengameli wethu uchitha isikhathi eqoqa amadola aseMelika efinyelela ezigidigidino zamarandi ngebhizinisi lakhe elizimele. Lokhu kuvezwe nguMkhulumeli kaRamaphosa uVincent Magwenya esitatimendeni. UMengameli ukuqinisekisile lokhu enkulumweni yakhe ayethule ngesikhathi seNgqungquthela Yokhetho yaseLimpopo,”isho kanje.

Ngokusho kweSANCOYC, i-Stats SA isanda kubika ukuthi izwe linentsha engaphezu kuka-10 million ephakathi kweminyaka engu-15-24 futhi, kulaba, bangu-2.5 million kuphela abebengabasebenzi, abaqashiwe noma abangasebenzi.

Isibalo esikhulu kunazo zonke (izigidi ezingu-7.7 noma ama-75.1%) saleli qembu labantu abasha yilabo abangasebenzi. Isizathu esikhulu sokungenzi lutho ukuthi sebelahlekelwe yithemba lokuthola umsebenzi ovumelana namakhono abo noma endaweni abahlala kuyo. Amaphesenti angaba ngu-37 aleli qembu alahliwe ezimakethe zezabasebenzi. Laba bathathwa njengentsha engekho emsebenzini, imfundo noma ukuqeqeshwa.

Kuzwakala kwabangezwa nabangaboni emehlweni ukuthi uMengameli Ramaphosa akanandaba nekusasa lentsha nekusasa lalelizwe lonkana. Ubonise isifiso esingalawuleki sokuqongelela ingcebo yomuntu siqu ngendlela edale ukungqubuzana nokusebenzisa kabi isikhundla segunya lobuholi bezwe.

Siqhube sathi, “Kusukela ku-CR17 esivale isitatimende sasebhange kuya ePhala-Phala Farmgate, sekuyacaca ngokusobala ukuthi usevumele ukugwazelwa nenkohlakalo ukuthi kuphazamise imikhankaso kahulumeni yokulwa nenkohlakalo. Uzakhele isithombe sokuthi ngaphansi kwakhe i-ANC ithambile enkohlakalweni. Okukhathaza kakhulu ukuthula kukaMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa. Sekubikwe kabanzi ukuthi alikho icala lokweba elibhalisiwe kwabeSouth African Police Service. Kungani?

Esikhathini esedlule, Imibiko Yonyaka ye-SAPS mayelana nezinkonzo Zokuvikela UMengameli we-VIP yayinezigaba eziphathelene nokwephulwa kwezokuphepha.  Kubonakale ukwephulwa kwezindlu zomongameli kanye nongqongqoshe. Okumangazayo ukuthi umbiko wonyaka wezimali ka-2019/2020 ophela zingama-31 kuNdasa wezi-2020 wawungenaso isigaba sokwephulwa kwezokuphepha. Kungani? Njengabahlali abasha sinethemba lokuthi eminye yale mibuzo izophendulwa.

Ukuntshontshwa kwenani elikhulu lemali (US$)  epulazini likaRamaphosa, ngaphandle kokuvikelwa koMongameli we-VIP kushiya imibuzo eminingi kunezimpendulo. Kuyaziwa ukuthi izindawo ezihlala uRamaphosa zivikelwe ngamathimba avikela umengameli ngaphandle kwePhala-Phala Wildlife. Kungani? Sesiphetha, sikholwa wukuthi uMengameli Ramaphosa kumele aphume esikhundleni sakhe phezu kwalezi zinsolo ezinzima,”sphethe kanje.