KUQOPHEKE umlando e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini ngesikhathi kwethulwa umcimbi okuhloswe ngawo ukubuyisa isithunzi samaciko okulindeleke ukuthi ube ngoSepthemba 30 eMoses Mabhida Stadium.
Ngaphandle kokubuyiswa kwesithunzi samaciko, kuzobuye kuhlonishwe neSilo Nkosi uMisuzulu kaZwelithini njengoba kunguyena osethathe izintambo zokuhola isizwe sikaZulu.
Ekhuluma kulomcimbi obuthanyelwe amaciko ahlukene kukhona noDkt. 3 Seconds kanye noDkt. Mabalengwe, uDkt. Thobani Makhaza obuye abe sethimbeni elihola iMind Youth Empowerment uqale ngokubonga amaciko abeyingxenye yokwethulwa kweYakhuphuka Ingqqwele Coronation kanye nabaholi bemikhakha ehlukene abebezimazise lomcimbi.
Ubonge nokubakhona kukaDr 3 Seconds amchaze njengomuntu othanda ukuthula, wathi ngoba uma kukhona ukungaboni ngaso linye uyangenelela. “Yingakho ngithi umholi. Lomsebenzi oqala la uthe uma ufika kimina ngabona kuwumsebenzi omuhle angikwazi ukuwuyisa phambili ningekho, abantu abangenza ngaba wutho. Ngibonga ukuthola leli thuba. Lombono uvela lapho uzulu wonke ushintsha izingqinamba ngenyanga yamagugu. Sizobe sinomgubho omkhulu ozoletha ukuthula,”kusho uDkt. Makhaza.
Uthe singaxabana kodwa thina siyakwazi ukubuyisana. “Isibonelo ngingaxabana noNtencane kodwa thina siyakwazi ukuhlala phansi sibuyisane, bese kuthi abantu abangaphandle bangabinalo ulwazi lokuthi sesibuyisene. Kubekhona abeseka uDkt. Makhaza kube khona abeseka uNtencane, uzwe kuqhuma isibhamu,”usho kanje wagcizelela ukuthi ubenza nje isibonelo.
“Inhloso yalomsebenzi ukuletha ukuthula, inhloso yawo wukuletha lababantu abakwiKhabhinethi ebhekele ukulethwa kwamaciko, umuntu ozoba yiNkosi kaMaskandi, uMengameli kaMasikandi, indlondlo kanye nomuntu esizombiza ngeChampion. Yize sisazoba sesingxoxoxweni, ukuba bekuyangokwethu labo bantu uhulumeni waseNingizimu Afrika ubezobaholela ngoba njengamanje bazoba ngama-deployee esizwe,”kusho uDkt. Makhaza.
“Lababantu yibona abazokwazi ukubona ukuthi kufanele sinyathele kanjani singaqhamuki sesijaha ungqongqoshe othile. Laba bantu yibona abazosikhulumela uma kuwukuthi kukhona okungasigculisi ngomnyango othile. Ngiyithandile inkulumo kasomlomo ethi, ukulandwa komculi othile phesheya afike kuleli anikezwe uR2 million bese kulandwa umculi wala anikwe uR40 000.
Lokho kufana nenhlamba. Yingakho siqhamuke nalo mbono wobumbano. Ngibonge umnyango wezokubuciko namasiko kuzwelonke nasezingeni lesi fundazwe ngoba kube yibona bokuqala abalusukumele lolu hlelo balwamukela,’kusho uDkt. Makhaza.
“Lolu hlelo lulethelwe ukuthula, lulethelwe ukuthi abaculi bazuze. Uma umphakathi usukuqokile vele uzohlomula, akusho ukuthi uma ungaphamelelanga awuzuzi lutho. Ngokwinhlelo zalolu hlelo akekho ozokhala ngokuthi urojiwe. Ngicela uma siphuma la singayoni,”uphethe kanje.
Kulindeleke ukuthi kuqokwe inkosi yomaskandi ngaphansi komunxa weMaskandi King, umengameli wamaBhinca, Indlondlo Traditional Healer neMusic Champion. Kucelwa abantu ukuthi bakhethe abantu ababathandayo ukuze kuhlungwe kubo abangu-10 abahamba phambili okuzovetelwa kubo ingqwele. Uthe abengaphezu kuka-30 amagama okukhethwa kuwo.





