Ikolishi iShayamoya bayichome uphaphe legwalagwala

0
131

IKOLISHI lezeNkolo, IShayamoya, lichazwe njengekolishi elizoba yisibani sezwe ekukhuliseni abanentshisekelo yolwazi ngezenkolo kanye nokuhlola ibhayibheli ngokubanzi kuyo yonke imikhakha yenqubo yezenkolo.

Lokhu kuvele ezikhulumini ezahlukene ikakhulukazi kubafundi abafunda kuleli kolishi ngesikhathi kunomcimbi wokwethweswa kweziqu kusukela kwabenza unyaka wokuqala kuya kwabenza unyaka wesithathu obungempelasonto, esigcemeni Kwa-H, KwaMashu. IShayamoya ephethwe, uDkt. DP Ncalane, uPastor M Mfeka, ongomunye wabafundi abenza unyaka wokuqala kulesi sikhungo, uthe yize kusewunyaka wokuqala, kodwa kuningi okumvule amehlo akutholile, uma eqhathanisa nendlela abeqoliqonda ngayo ibhayibheli. Ngaphandle kwalokho ubonge kakhulu umphathi wekolishi uDkt. Ncalane ngokuphendeka njengomzali wesibili ezimpilweni zabo ngoba konke abanezinkinga kuzo uyakwazi ukuba yisixazululo, futhi athe kufike kubathokozise kulesi sikhungo yisineke sokuqeqeshwa. “Kunezinto okwazi ukuzixoxa naye, kodwa ongakwazi ukuthi uzixoxe nomndeni wakho noma nabangane bakho, bese uthola isixazululo kuleyonkinga. Okunye futhi okusijabulisayo ukuthi ayikho indaba yokugcxeka amanye amabandla, ezinye izikole, kanye nezikhundla emabandleni kodwa kugxilwa kakhulu ekuhlolweni kwezwi. Kunezinto ebesizitshela ukuthi siyazazi, kodwa uma sesilapha ekhaya umqondo namehlo kuvuleke kabusha,”kusho uPastor Mfeka. USenior Bishop Dkt. LA Dlamini okunguyena obengamele uhlelo lokwethweswa kweziqu ngokubambisana noDkt. GG Brown owuShansela abaseBhodini yamabandla, i-Confederation Christian International, nasesikhungweni esengamele ezenkolo, iHoly Nation Bible College, naye ushumayele waqeqebula eluleka nabafundi konke abekususela ku-1Samuweli 1:24.

UMphostoli L Mkhwanazi obekhuluma egameni labaholi bezenkolo abebezimazise lomcimbi, naye ukhiphe izeluleko ezinqala abezibhekise kubafundi abezesekele ngencwadi, u2 Thimothewu 2:4, naye ubashiye besacela ukuthi aqhubeke nezeluleko ngokunjalo noPastor N Duma obeshayela uhlelo ubengazibekile phansi ekwelulekeni abafundi. Umcimbi ububusiswe ukubakhona kwabaholi abehlukene abebephamuka emabandleni ahlukene, abezikole zebhayibheli okubalwa kubo uPresident Dr. IM Shezi umphathi nomsunguli weTruth Ministries Bible College, uPastor Dr. KH Malinga umphathi noMsunguli wekolishi lezenkolo, iMbo Bible College International kanye noDkt. TL Magwaza umphathi wekolishi iPoters House Bible College. UMnuz Z Ncalane ongumunye wabaphathi bekolishi uchaze kabanzi ngomsebenzi waleli kolishi, futhi waqinisekisa ukuthi leli kolishi alibagcobi abefundisi, kuphela liqeqesha labo abazimisele ngokuhlola izwi kuphela. UDkt. DP Ncalane ubonge bonke abebeyingxenye yalomcimbi, wabonga kakhulu nabafundi ngokuzinikela yize khona bekunzima ngenxa yezimo zempilo kubalwa ne-Covid-19. Ubuye wedlulisa okukhulu ukudabuka ngokwedlula emhlabeni kobenguShansela wekilishi uDkt. Mthembu odlule nje kuwona lonyaka obebambe iqhaza naseHoly Nation Bible College.