I-SADTU nomkhankaso wokuqiniswa kwezokuphepha ezikoleni zakuleli

0
215

NGENXA yokwanda kwezigameko zokuhlaselwa kothisha nokuqubuka kodlame phakathi kwabafundi, inyunyana iSouth African Democratic Teachers’ Union (SADTU) isisungule umkhankaso wokuqinisa ezokuphepha ezikoleni oqanjwe ngokuthi i-I Am A School Fan owethulwe eMzuvele Secondary muva nje.

Lo mkhankaso uhlose nokuvikela ingqalasizinda yezikole. ISADTU iwuqhuba ngokubambisana neNational Education Collaboration Trust (NECT) kanye ne-United Nations International Children’s Emergency Fund (UNICEF) South Africa. Uhlose nokuvula ithuba lokubambisana phakathi kwezinhlaka ezehlukene emphakathini.

UNobhala weSADTU KwaZulu-Natal uNks Nomarashiya Caluza, uthe bahlose ukukhuthaza umphakathi ukuba ubambe iqhaza ekulweni nezigameko zobugebengu ezenzeka ezikoleni. Uthe enye yezinkinga ezinkulu ezikoleni ukwebiwa kwempahla nokucekelwa phansi kwengqalasizinda.

“Izigebengu sihlala nazo emphakathi, siyazazi. Akumele sizivumele zichanase, zebe impahla okumele yakhe ikusasa lezingane zethu. Sikhuthaza ukubambisana ukuze kuzovikelwa abafundi, othisha kanye nabo bonke abasebenza ezikleni. Lo mkhankaso uzosabalalela kuzo zonke izikole kwisifundazwe,” kusho uCaluza.

UMnuz Nkosinathi Ngcobo oyiNhloko eMnyangweni wezeMfundo kwisufundazwe, uncome iSADTU ngokuthatha igxathu lokuqinisa ezokuphepha ezikoleni. Uthembise ukuthi umnyango uzobambisana nayo ukudlondlobalisa umkhankaso wayo, wanxusa nezakhamuzi ukuba zingacekeli phansi noma zivale izikole uma kukhona ezingajabule ngakho.

UMnuz Martin Dlamini onguMxhukmanisi kwezemfundo kwiSADTU kulesifundazwe, ucele ukuba kwesekwe lo mkhankaso kuzo zonke izikole. Uthe izinhlaka ezithintekayo akumele zigcine ngokwenza izifungo kuphela, kodwa kumele ubonakale umsebenzi eziwenzayo wokuvikela izikole ezisondelene nazo.

Inhlangano yabafundi iCongress of South African Students (COSAS) kwisifundazwe, ithe izoweseka lo mkhankaso kodwa ifisa ukuthi uphinde wedlulele nasekuqinisekiseni ukuthi kukhona konke okudingekayo ezikoleni. Ithe ukuhlinzekwa kwabafundi ngazo zonke izinsiza kuzokwenza ukuthi lenyuke izinga lokuphasa, kwenciphe elokubalekela isikole.

Kuvele nokuthi lo mkhankaso uzolekelela ekulungisweni kwezikole ezacekelwa phansi izikhukhula zakamuva. Umcimbi wokwethula lo mkhankaso uphothulwe ngokusayindwa kwesifungo kubo bonke abasemkhakheni ethintekayo kwezemfundo. Kuphinde kwanikelelwa abafundi abangu-50 baseMzuvele High ngezicathulo zesikole.