Bezibulalana kugujwa eyentsha ngomncintiswano

0
122

BEKUSHIKISHA ufudu emcimbini wokubungazwa kwenyanga yentsha obekuhambisana nomqhudelwano wokuvunjululwa kwamakhono entsheni obusehholo lomphakathi eClermont, entshonalanga yeTheku.

Lomcimbi obuhlelwe yiLove World Production kanye ne-031 Dance Squad ubusekwe uMasipala weTheku kanye nenhlangano yaseClermont naKwaDabeka ebhekele ukuthuthukiswa kwezokuvakasha nezinga lawo belicokeme futhi okunye okufike kwagqama ukutheleka kwentsha kodwa nemithetho eqinisekisa ukulandelwa kwemigomo yeCovid ibilandelwa. Ngokusho kukaSosha Khumalo usaziwayo kwezokulingisa futhi osewine izindondo eziningi kulomkhakha ongumsunguli weLove World Production esungulwe ngo-2016 lokhu obekwenzeka bekuwukuqhubeka nokufeza inhloso yayo okuwukusiza intsha emakhonweni okulingisa ukucula, ukudansa, owazenkondlo. Iphinde ibafake kumathelevishini ezindabeni bese ibaqeqesha ngendlela yokulungisa. Bakhona esibafake emidlalweni ehlukene okubalwa kuyo iDurban Gen nakuMbewu. Kuleli viki eledlule ababili babo babonakale kwiMbewu, oyedwa wavela kuDurban Gen. “Sisiza kanjalo. Lenhlangano iphinde iqashwe iyosina, iyocula, iyolingisa ngokwezicelo ezihlukene ezithola emphakathini nakuMkhandlu weTheku. Ikhona nemicimbi esesike sayenza ngaphandle kwalo njengeJaiva SkomPlaza esesiwenze iminyaka emithathu lapho siqeqesha sisiza sinonophalisa legenge edansayo kuphela.

Kodwa ngonyaka odlule nakulonyaka loluhlelo asibanga nalo ngenxa ye-Covid. Kade bewina umklomelo kaR5000, amaqembu adansayo aseClermont kade eqhudelana, bese ewina uR5000 bese kubakhona umcimbi okuthiwa yiSomething Vintage lapho khona sisuke sisebenza sibheka ezamagugu namasiko, siphinde sibheke nemfashini yakudala la sisuke sibhekelele abesifazane ngoba kuJaivaSkomplaza kugcwele kakhulu amantombazane. Yilapho kusuke kuqhakanjiswa imfashini ikhangiswa ngokohlelo lokumodela ngokushiyana kwabo nakhona kubekwa umklomelo,”kusho uSosha. Uthe ngonyaka odlule ibihlukene kathathu bekuthola unombolo 1, 2 no nombolo 3. Kodwa kulonyaka ngenxa yeCovid umcimbi asikwazanga ukuwenza. “IQueen yangonyaka odlule uNonhlanhla Shezi namanje usasiphethe isicoco kuze kushaye isikhathi sokwenza umcimbi. Sisonke kulenkampani singu-25 iphethwe nguSosha Khumalo ongumsunguli wayo.Uma sibaqeqesha ngezindlela ezehlukene sisuke sibenzisa indlamu, imishado, izinkondlo ngokwehlukana kwemikhakha, kudanswa kuculwa.

Eqhubeka ngenhloso yokusungulwa kwenhlangano uthe, “kubalulekile ngokuyisungula kwabawuthando ngoba uSosha Khumalo ongusunguli wenhlangano uliciko lokuzalwa. Ikhono lami lahlonzwa uthisha esikoleni uMiss Mkhwalo ofundisa esikoleni eMqhele ngoba kuningi engangikwenza khona okuthinta ubuciko kodwa mina ngingazi ukuthi leli ikhono lami okufanele ngilisebenzise”. “Lomcimbi ebesiwenza bekungumcimbi omusha emicimbini eminye esiyenzayo. Lomcimbi uwumcimbi oyingxube ngoba ubungabhekelele umkhakha othile kuphela, ububhekelele yonke imikhakha. Inhloso yawo bekuwukuthi sikhulise intsha edansayo siyiwinise ngokwemiklomelo. Siye sibawinise ngokubanika imali, kodwa babuye bangayisebenzisi ngendlela enhle. Siye sahlala phansi sabuka ukuthi singenza kanjani ukuze bakwazi ukuhlomula. Siye sacela inkampani ebizwa ngePush iPlan ekwazi ukushutha ama-music video evela koChannel O nakoM TV Base nayo ezinze lapha eClermont.

Labo abawinile bashuthwe izolo (esho ngeSonto). Kube sekufika iSigananda Driving Academy sathi sona sizangalekelela gama-drivers leaners amabili. Izothatha uLeader weqembu eliwinile nosekela Leader. Lokho kusiskele kakhulu ngokumcimbi ngoba kuwudlondlobalisile, kwabakhona iClermont and KwaDabeka Tourism Organisation (CTO) esibhekelele kakhulu ngokuya ngasethunjini, iClermont Youth Centre nayo ebisixhasile,  inkampani ebhekele ezokumaketha, iWhite House kwasekubakhona I-eThekwini Arts and Living Culture ephethwe uBaba Themba Mchunu, kodw esisebenza naye kakhulu uSifiso Ndlovu nayo ehlale isixhasa kakhulu ibambisene nayo iCTO abahlale beyingxenye uma sinemicimbi. Sijabula kakhulu ukuthi kuyinyanga yentsha bakhona abantwana esibakhulisayo,”kuphetha uSosha.