Belicokeme izinga kowezindondo zowokholo

0
83
UMsunguli wamaSABC Crown Gospel Music Awards, uZanele laMbokazi Nkambule nomyeni wakhe uBishop Mpendulo Nkambule bethokozela impumelelo yomcimbi wezindondo kulonyaka obuhlanganisa iminyaka engu-14 wasungulwa.

BELICOKEME izinga emcimbini wokumenyezelwa kwabaculi abahlabene emikhakheni eyahlukene emculweni wokholo, ama-SABC Crown Gospel Awards 2021 obusePlayhouse, eThekwini, ngoLwesihlanu.

Lomcimbi woklomelisa ngezindondo abaculi abavelele emikhakheni ehlukene yomculo wokholo nababambe iqhaza ekuthuthukiseni lolu hlobo lomculo bekuwunyaka ka-14 lona wenziwa ngenkulu impumelelo yiWorld Gospel Powerhouse ngaphansi kweso lomsunguli wawo, uZanele LaMbokazi Nkambule. “Ukubungaza imicimbi yezindondo engu-14 ngaphansi kwesiqubulo esithi#HeIsStillJehova, kusho impumelelo yeminyaka engu-14 uJehova ehamba nathi,”kusho uLaMbokazi Nkambule.

“NjengeWorld Gospel Powerhouse, sijabule kakhulu ngokufinyelela kuleli zinga futhi sibonga uNkulunkulu ngokusithwala kuze kube manje. NgamaCrown Gospel Music Awards asigcinanga nje ngokukwazi ukubungaza abaculi kodwa sisungule inkundla lapho abaculi bezokwaziwa ngethalente abalinikwe nguNkulunkulu,”usho kanje uLaMbokazi. Njengokujwayelekile uma kunalomcimbi ingqephu ibidla umunye kudideka unwabu ungafunga uthi kusembukisweni wemfashini ngendlela abaculi, izitatanyiswa nosaziwayo abebeswenke ngayo. UTakie Ndou uthathe izindondo ezimbili kube eyomkhakha weBest Gospel Album noweBest Gospel Songwriter. Indondo ye-Best Newcomer Gospel Artist inikwe uXolly Mncwango, kwathi u-Ayanda Ntanzi noThobekile Mkhwanazi bamenyezelwa njengabawine emkhakheni we-Best Male Gospel Artist kanye ne-Best Female Gospel Artist, ngokulandelana nokwehlukana kwabo. UJanet Manyowa waseZimbabwe uphumelele emunxeni weBest of Africa Gospel ehlula uTsepo Lesole (Botswana), Cross Ugo 2v (Nigeria) noMinister Michael Mahendere (Zimbabwe). Olayini bokuvota basavuliwe emikhakheni okukhona kuyo iBest Gospel Song, Best Gospel Artist, Best Amazion, Best Community Radio Gospel Show kanye neBest Commercial/PBS Radio Gospel Show. Umphakathi ungavotela abaculi obathandayo ngokuthumela amakhodi esigaba (isibonelo: Crown00) ku-34069 futhi abawinile bazomenyezelwa ngomhla ka-20 Novemba.