
BATHELEKE ngezinkani emkhulekweni abazalwane bamahlelo ahlukene obungoMgqibelo e-Anderson Park, ePinetown, ngoMgqibelo, wokubuyisa ithemba ngomuntu wesifazane obekukhona nabe bephuma esifundazweni saseGauteng.
Lomkhululeko obuhlelwe wuDkt. Nomusa “Mama Siphithiphithi” Madlala ngokubambisana nenhlangano egqugquzela ukuzethemba nokubuyisa isithunzi kwabesifazane, iSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane (SINW) enesiqubulo esithi, “Ayiyintsha Lento Kuyosala Kwazeka” ubenelikhulu isasasa kangangokuthi abazalwane abaqhamuka kuso sonke lesi sifundazwe bafike ngesikhathi.
Bonke abebefika bebamukelwa ngenkulumo imfudumalo esangweni njengoba bekunethimba ebelibhekele ukubamukela nezimoto bezihlelelwe indawo yokupaka. Uma kutholakala ukuthi imoto yakho ubiyipake endaweni engafanele ubuthola umyalezo. Lokhu bekuyizinkomba zokuthi abahleli bawo bebebambisene nengalo yomthetho. Kusukela umcimbi kungakaqali indumiso namakhorasi bekulukho kududuliwe kukhombisa futhi ukuthi kade abazalwane belulindele lolusuku. Izimenywa ezisemqoka nazo zifike ngezikhathi zabekwa endaweni yezicukuthwane, bekuthi uma kwenzeka kutholakala ukuthi kunesicukuthwane esihleli ezihlweleni sihlelelwe indawo esifanele. Amazwi akhuthazayo okwakha abantu besifazane abelokhu eqhumakile ezikhulumini zosuku ebezikusheba kanye nezwi lenkosi. Ngaphambi kokuqala kumcimbi uDkt. Madlala uMama Siphithiphithi utheleke kwachwaza ishashalazi obekuhlelelwe kulo lenkonzo. Okunye okufike kwahlaba umxhwele ukuthi izinhlelo zemigomo yokuqaphela ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane lokhuvethe beziqinisekisiwe. Isiqubulo salomkhululeko besithi, Rise and Thresh O Daughter of Zion”. Abangakwazanga ukuphumelela kulenkonzo baphuthelwe lukhulu ngoba ziningi izinhlelo ezethuliwe eziqondene nomuntu wesifazane ngaphansi kwenhlangano iSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane (SINW).






