
KULINDELEKE ukuthi bawukhombe umuzi onotshwala abashayeli bezimoto abazotholakala beshayela izimoto kodwa abangekho esimeni salokho noma izimoto zabo zingakulungele ukuba semgwaqeni ngalesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka.
Lokhu kugqame ngesikhathi iNhloko yoMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe, uMnuz Siboniso Mbhele, kanye namaphoyisa omgwaqo babenizivimbamgwaqo eMariannhill Toll Plaza, ngaphandle nje kancane kwasePInetown, entshonalanga yeTheku.
UMnuz Mbhele lokhu ubekwenza njengengxenye yokuqinisa umkhankaso wokuphepha emgwaqeni ngaphambi kokuqala kwamaholidi okuphela konyaka. IMariannhill Toll Plaza ingesinye sezikhungo ezisemgwaqeni uN3 okuba nesiminyaminya sezimoto njengoba kusuke kukhona abangenayo nabaphumayo ngenhloso yokuzochitha isikhathi sabo samaholidi eThekwini.
Kulindeleke ukuthi kuqale ukuphithizela kwabantu ngoMgqibelo, yize khona kuzobhekeke ukuthi namuhla, Disemba 16 abantu bagcwale emabhishi aseThekwini nakwezinye izindawo ezakhele leli dolobha. UMnuz Mbhele ubuye wayohlola ukusebenza kwamalayisensi e-Pinetown Driver License Testing Centre ukuqinisekisa ukuthi ukuthi konke kuhamba ngohlelo akukho zihibe.
Lokhu ukwenze ngemuva kokuthi kwethulwe ngempumelelo uhlelo Oludidiyelwe lwezokuPhepha obeluholwa uNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, eThekwini, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Lolu hlelo lugcizelele imisebenzi eminingi ebekelwe isikhathi samaholide salo nyaka ukuze kunqandwe ubugebengu nezingozi zomgwaqo.
Khonamanjalo abezokuphepha bathi bazoqinisekisa ukuthi amaphoyisa nezinye izinhlaka zigcwala imigwaqo kuzo zonke izinkalo zakulesi sifundazwe njengoba kulempelasonto kuzobe kuqala ukuthelaka kwezivakashi.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uBrigadier Jay Naicker, uthe kubalulekile ohlelweni lwabo lokusebenza ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi ukuthi baqinisekise ukugcwala kwamaphoyisa kuzo zonke izinkalo. Kulindeleke ukuthi izinkulungwane zezivakashi zitheleke kulesi sifundazwe zizobungaza amaholidi kusukela kule mpelasonto.
UNaicker uthi kuzokwanda ukugadwa kwezindawo ezindaweni ezithandwa yizivakashi.






