Bazalelwe inja endlini abafundi abacekele phansi amakilasi

0
100
Kudaleke omkhulu umonakalo esikoleni eNdengetho High, KwaNdengezi ngemuva kokuthi abanye abafudi kuthiwa bavuke umbhejazane becekela phansi impahla yesikole njengoba kubonakala kulesi sithombe.

KULINDELEKE ukuthi umthetho wenze uphenyo olunzulu ngamaselula okuthiwa atholakale kwabanye abafundi abafunda esikoleni samabanga aphezulu, iNdengetho, KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku.

NgoLwesine olwedlulwe kuthiwa abanye abafundi bavuke umbhejazane bacekela phansi impahla yesikole okungukushisa amagumbi okufundela, kwaphazamiseka nokufunda ngemuva kokuba amaphoyisa eshaqe amaselula. Lokhu kwenzeke kulandela ukugasela kwamaphoyisa kulesi sikole njengenhlalayenza lapho asuke eyobheka ezikoleni ukuthi isimo sihamba kanjani okuthi uma efikile esikoleni angene emakilasini aseshe abafundi nezikhwama ukubheka ukuthi akukho yini okungalungile. Amaphoyisa eSAPS KwaNdengezi kuthiwa afike ashaqa  amaselula, izikhali nezidakamizwa. Lesi sigigaba siholele ekutheni kume nse ukufunda kulesi sikole, kodwa kwaze kwaqala ngoMsombuluko ngemuva kokuthi kube nomhlangano phakathi kwabaphathi boMnyango kanye nabazali, kukhona  nabezingane okuthiwa ziyathinteka.

UNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe, uNks Mbali Frazer, uthe: “Siwushayela ihlombe umsebenzi wamaphoyisa, futhi kuyasikhuthaza ukubona isivumelwano sethu neSAPS sithela izithelo njengoba ziningi nezinye izikole okwenziwa kuzona lolu hlelo lwamaphoyisa.” Umnyango wengeze ngokuthi wona kanye ne-SAPS banesivumelwano somthetho esasayinwa eminyakeni engaphezu kweyi-10 eyedlule, esaqalwa yizifundazwe futhi ukuseshwa nokushaqwa kwezikole kuyingxenye yokunqanda ubugebengu nokuqwashisa okwenzeka njalo.

La maphoyisa aphenya nokushaqa ezikoleni asebenza ngokuhambisana nesivumelwano okuhloswe ngaso ukuqeda ubugebengu ezikoleni. Ngokwalesi sivumelwano, zonke izikole zixhumene nesiteshi samaphoyisa, futhi okwamanje, izikole ezingu-18 000 ezweni kujutshwe ngokuphelele ukuthi zibe nesiteshi samaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi zonke izikole ziyindawo engenabo ubugebengu. Umnyango uphinde wakhumbuza amathimba aphethe izikole asebenzisana nezigungu ezilawula izikole ukuqinisekisa ukuthi izimiso zokuziphatha zesikole ziyalandelwa ngaso sonke isikhathi ukuze kuqinisekiswe ukusebenza kwesikole, okuhlinzeka ngesisekelo kanye nesimo esifanelekile sokufundisa nokufunda okuseqophelweni eliphezulu.