Baphendule imikhuleko yezakhamuzi

0
54

ABEBANDLA iShincheonji baphendule imikhuleko yezakhamuzi zaseMlazi nezaseNanda ezakhahlanyezwa izikhukhula ngenkathi behambise iminikelo, balekelela nasekukhucululeni imfucuza eyadalwa yizo izikhukhula kulezi zindawo ngaphansi kohlelo lwebandla iShincheonji Cares.

NgokukaMnuz Msizi Magwaza okhulumela ibandla, lolu hlelo lwasungulelwa  ukusiza emphakathini ebhekene nobunzima. “Sinqume ukubheka imiphakathi ebhekene nengcindezi engalutholi usizo kuhulumeni ngenxa yokushoda kwemali, izinsiza, kanye nabangakasizakali kwizinhlangano zomphakathi,” kusho uMagwaza.

Uthe amalungu ebandla azibophezele ukutshengisa umphakathi ukuthi akhathazekile ngawo ikakhulukazi njengoba ibandla linamalungu ahlala kulezi zindawo abengakasizakali. EMlazi kuphinde kwaqoqwa udoti emzini kowesimame osegugile, kwalungiswa izindonga eziklayekile.

“Njengoba sekusebusika, kusondele nezimvula, sibone kusemqoka ukuthi silungise le ndlu. Sikhuthaza namanya amabandla kanye nosomabhizinisi ukuba benze okufanayo,” kwengeza uMagwaza ngaphambi kokuhambisa imnikelo ehholo lomphakathi Imbalenhle esesigcemeni sakwa-V.

UMnuz Jabulani Mkhize ongomunye wabahlomulile, uthe izikhukhula zazishintsha kakhulu izimpilo zabo. “Njengoba sihlala ehholo nje, simbondelene ndawonye, sihlukumezekile ngoba akukho osekuyimfihlo. Ngithanda ukubonga kwiShincheonji ngokusikhumbula nokusipha amazwi akhayo,” kusho uMkhize.

UMnuz Xolani Mqadi yena uthe sebeqalile ukulungisa umonakalo endaweni, ukungenelela kwaleli bandla kubasizile ngoba bakwaze ukufeza okuningi ngesikhathi esincane. Uthe nabantu bakujabulele ukubona ukuthi zisekhona izinhlaka ezehlukene ezibakhumbule ngalesi sikhathi esinzima abasabhekene naso.

UKhansela Khumbulani Cele waku-wadi 79, ubonge kumalungu ebandla wangeza ngokuthi kusemqoka ukubambisana kukahulumeni nezinhlaka ezehlukene. Uthe kuyisifiso sakhe ukubona nabanye abanamandla okusiza belandela ezinyathelweni zamalungu aleli bandla.

ENanda khona kukhucululwe nemfucuza ebiigudle umfula. UNks Thusile Buthelezi waku wadi-57, uthe bayakujabulela kakhulu ukuthi bakhona abasabakhumbula ngezikhathi zobunzima. Uthe ukholwa ukuthi ukufika kwamalungu aleli bandla kule ndawo kuwumsebenzi kaNkulunkulu.

UKhansela Vincent Khunzu uthe ibandla lisize kakhulu endaweni, waveza nokuthi umphakathi usashaqekile ngokwenzeka kwazise kukhona umndeni owalahlekelwa amalungu wawo angu-4 ngenxa yezikhukhula. Uthe ukufika kwamalungu aleli bandla kuzithobile izinhliziyo zomphakathi.

UMagwaza uthe kubanike intokozo enkulu ukwazi ukuthi abakwenzile, nakuba bekungekukhulu, kuwenzile umehluko ezimpilweni zabantu. Uphethe ngokubonga amalungu ebandla anikele ngesikhathi sawo, wathi ngokwenza kwabo lokhu bakholwa ukuthi bazoba isibonelo kubantu abaningi.