Bakhulekele ukubuyisana kubungazwa eyabesifazane

0
84
Abefundisi baseClermont naKwaDabeka bebehlele umkhululeko wokukhulekela ukuthula kukhona nazo zonke izikhawo zomphakathi, kusukela kwezokuphepha, osomabhizinisi, amakhansela kanye nosopolitiki

ABEFUNDISI bamahlelo ahlukene baseClermont/KwaDabeka namaphethelo entsholanga yeTheku, ngesikhathi kubungazwa inyanga yabesifazane bona bathathe isinqumo sokuba usuku lwangempelasonto balusebenzisele ukukhulekela ukuthula, ukubuyisana nokwethembana kanye nokulwa nesihlava sokucwasana ngokobuhlanga esifufusayo.

Abefundisi abangaphansi kweClermont & KwaDabeka Ministers Fraternal babenomkhululeko obuhlanganise zonke izinhlaka zomphakathi kusukela kwabamabhizinisi, amaphoyisa eSAPS kanye nakaMasipala weTheku, kanye namakhansela ngokunjalo nabamele amaqembu epolitiki akulamalokishi. Lomkhuluko obubanjelwe enkundleni yezemidlalo eKranskloof, uqale ngokuthi kube nemashi esukele eClermont, eTop Rank okuqale ngokuthi kuhanjelwe amabhizinisi alimale ngesikhathi kunezibhelu ezishiye zidale omkhulu umonakalo ngenyanga edlule. Ngokusho kukaMfu Sikhumbuzo H. Xaba iPhini likaNobhala womkhandlu wabefundisi, ngemuva kwezibhelu ezibekhona eClermont naKwaDabeka abefundisi babe sebehlela umkhululeko babiza zonke izinhlaka, amaqembu epolitiki, abokufika, imikhandlu yosomabhizinisi, amaphoyisa eSouth African Police Services (Saps) kanye nakaMasipala weTheku, amakhansela ukuba abeyingxenye yalomkhululeko abebenawo obuhambisana nokukhululeka abesimame njengoba kuyinyanga yabo. “Sivakashele amabhizinisi wonke okutatshwe kuwo, okumqoka ukubuyisa ithemba kubantu bakithi, sizokhuleka nabo silethe nomoya wobunye ngenxa yokuthi kunezinto esizibona emphakathini ukuthi ziyaqala, ziyakhula zokuhlukumezana ngokwebala nangokobuhlanga.

Besilethe nohlanga lwabelungu baseNew Germany ukuthi sizotshengisa ubunye phakathi kwethu sonke, ukuthi uma sihlangene njengomphakathi ngaphandle kokubheka ukuthi sibamnyama noma simhlophe, noma sinemali noma asinayo, sifundile noma asifundile, kodwa uma sihlangene egameni lenkosi siyakwazi ukuthi konke sikwenze kuhambe ngokohlelo,”kusho uMfundisi Xaba obuye abengumgqugquzeli. Uthe abagcini nje ngokuhlangana kodwa beyinhlangano babuye babheke izindlela zokusiza abaxakekile babanikeze amaphasela okudla ngale kokukhetha ukuthi ukhonza kuliphi ibandla ukuveza ukuthi nje abagcini ngokushumayela emabandleni abo.