
ABELAPHI bendabuko baveze ukukhathazeka kwabo ngokwanda kwezigameko zokucwaswa nokukhuluma kabi ngamakhambi esintu, bathi bayakuqonda ukuthi kukhona ukugula okwelashwa imishanguzo kodwa kuningi nokudinga abelaphi bendabuko nokuyibo kuphela abakwazi ukukwelapha.
Bathi kusemqoka ukuthi abantu abakholelwa kwisintu bengehlukani nemvelaphi yabo ngoba okuningi okwenzeka ezimpilweni zabantu abamnyama kuncike kuyo, akukhethi ukuthi ukholwa kuNkulunkulu noma wenza izinto zesintu. Basho kanje ngenkathi kuboniswana ngendima okumele idlalwe abelaphi bendabuko ekwelapheni ukugula. Isigcawu Umuntu Nesintu Sakhe ebesise-Ekhaya K Cap Multi-Arts Centre KwaMashu, siphinde sasetshenziselwa ukubheka indima engadlalwa abelaphi bendabuko ekubhekaneni nezifo ezifana nesofuba, umdlavuza, isandulela ngculazi kanye noKhuvethe. Kunikwe abelaphi bendabuko ithuba lokuzikhulumela ngolwazi abanalo.
Lokhu kwenziwe ngoba kukhona abaningi abasakholelwa kumakhambi esintu, okwenza kube nokukhombana ngeminwe njengoba abezempilo nososayensi besakuphika ukuthi amakhambi esintu ayakazi ukwelapha lezi zifo. Abelaphi bendabuko bakuphikile ukuthi yibo abakhuthaza abantu ukuba bengayi ezibhedlela. UDkt Lukhele onesigodlo eNanda, uthe abantu belapheka ngezindlela ezingefani ngokwehluka kwezinkinga zabo. Uthe okusemqoka ukuthi abantu beye kubelaphi bendabuko abawaziyo umsebenzi, hhayi izigebengu ezisebenzisa usizi lwabo ukuze zizobaqola izindodla zemali. “Kwisihloko esithinya amadlozi, abantu kumele bekuqonde ukuthi asiwakhonzi amadlozi kodwa siyawakhumbula. Ukuwakhumbula kwethu senzela ukuthi engasifulatheli, esikhumbule nathi. Siyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, asiphikisani namandla wakhe futhi asiphikisani nezempilo ezihambisana nesayensi,” kusho uLukhele. UDkt Zitha Mafikalishona onesigodlo eNtuzuma, uthinte kwisihloko somsamu, wathi abantu abangawukhohlwa ngoba yiwo onamandla okwakha nokubhidliza impilo yomuntu. Uthe bonge abangakulandeleli okwenzeka ngomsamu wasekhaya basengozini yokungahanjelwa kahle izinto. UDkt Nondela Mzimba onguSihlalo we-African Heritage Collective okuyinhlangano yabelaphi bendabuko, uthe kunemgomo nemthetho abelaphi abasebenza ngaphansi kwayo. Uthe le nhlangano yasungulelwa ukuqinisekisa ukuthi izigebengu azisebenzisi igama labelaphi ukugebenga abantu, iphinde iqinisekise ukuthi amalungelo wabelaphi awacindezelwa.






