Bafundiswe ngokubaluleka kokuzivikela

0
51

ABAFUNDI besikole samabanga aphansi sibe nenhlanhla yokuhanjelwa amaphoyisa esiteshi saseMlazi afike abafundisa kabanzi ngokubaluleka kokuzivikela ekutheni babe yizisulu zokuhlukumezeka kanye nokunyukubezwa ngokocansi.

Amaphoyisa asebenza kwigumbi lokusiza izisulu ezihlukumezekile, osonhlalakahle beDurban Life Line kanye nabophiko lokuPhepha nokuXhumana komphakathi bahambele iSukuma Primary school yakhona eMlazi, bachazela abafundi kabanzi ngokubaluleka kokuzivikela kanye namalungelo abanawo. UConstable Sithobile Nyoni wophiko lwezokuXhumana uthi ukuvikela abantwana kuyinto emqoka kubona njengamaphoyisa. Uveze ukuthi umbutho weSouth African Police Service unezinhlaka ezisebenza ngokukhethekile zokuvikela abantwana (Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) unit). Inhloso yabaSeshi beFCS ukwenza isiqiniseko sokuthi bavikela abantwana kubahlukumezi, baphenye amacala athinta ukudlwengula, ukuhlukumeza nokunye okubeka impilo yomntwana engcupheni. “LabaSeshi benza isiqiniseko sokuthi abenzi bokubi abahlukumeza izisulu bathola isijeziso esibafanele,” esho.

UConstable Sithobile Nyoni utshele abafundi ukuthi banamalungelo, kodwa futhi kufanele bangaziphathi ngendlela ebhedayo ngoba bethi banamalungelo. Utshele abafundi ukuthi banelungelo lokuba nezinto ezintathu okubalwa indlu yokuhlala, okungumsebenzi womzali ukwenza isiqiniseko sokuthi umntwana unayo indawo yokufihla ikhanda. “Ilungelo lokuthi udle, umzali kumele enze isiqiniseko sokuthi ukunika ukudla okunomsoco, ukuze ukwazi ukukhula kahle, ukwazi nokufunda kahle esikoleni ngoba usuke ekhaya udlile usuthi. Ilungelo lokugcina elokuthi umntwana athole imfundo. Umzali kufanele ahambise umntwana wakhe esikoleni ukuze abenekusasa eliqhakazile. Ngisho kungathiwa umzali ubhekene naziphi izimo, kodwa akufanele zinqande umntwana ekutheni aye esikoleni,” kuchaza uConstable Nyoni.

Uphethe ngokuthi atshele abafundi ukuthi njengoba benamalungelo akusho ukuthi kufanele bawaxhaphaze, kodwa kumele bahloniphe abazali kanye nothisha babo. UNksz Fundi Mtolo ufundise abafundi ngokudlwengula, watshela abafundi ukuthi kuyini ukudlwengula. Utshele abafundi ukuthi ukudlwengula kwenzeka ngesikhathi kunomuntu okuphoqelela ukuthi ulale naye ngenkani ngaphandle kwemvume yakho. “Akekho umuntu onelungelo lokukuthinta ngendlela ongayithandi nengakukhululi. Uma uzithola ukuleso simo kufanele ubikele umuntu omethembayo ukuze udaba lubikwe emaphoyiseni,” esho echaza. Uyale abafundi ukuthi bangahlali isikhathi eside bengabiki emaphoyiseni icala lokudlwengulwa ngoba ubufakazi bungagcina sebuphazamisekile. Abafundi baphinde baxwayiswa ukuthi bangathintani ngendlela abangayithandi ngoba lokho kungaholela ekutheni omunye abhekane necala. Bagqugquzelwe ngokuthi babhekelelane futhi bavikelane sonke isikhathi.