
IZINKINGA nezikhalo zamanye amalungu angagculisekile ezinhlanganweni azijoyinile athathe isinqumo sokuphuma athole inxiwa elisha lapho ethemba ukuthi azokuthola ukuphumula futhi asebenze ngokukhululeka.
Yize ukushiya kwamalungu nabaholi bamanye amaqembu ombusazwe bajoyine ezinye izinhlangano kuyinto esijwayelekile uma kusondela izinsuku zokhetho, kodwa kulokhu kubukeka kugaya ngomunye umhlathi ngoba kunabashiya sekubhekwe ukuthi bazoba nesandla ekusizeni iqembu ukugaya amavoti. NgoLwesine olwedlule inhlangano yezombusazwe eqhakambisa uNkulunkulu phambili i-African Freedom Revolution (AFR) ibe ngenye yezinhlangano ehlabane ngezinye zezishoshovu ebezinamagalelo amakhulu ku-African National Congress (ANC) nak_-Economic Freedom Fighters (EFF) abashiye phansi baqoma ukuthi okungenani kuhle bajoyine i-AFR.
Labo sondonzima ngomqondo onothole kwezombusazwe bekungaqali ngabo ukujoyina lenhlangano ebonakala izonyakazisa kakhulu kwamanye ama-wadi kulandela indlela engenise ngayo nangendlela ezethula ngayo emphakathini. Cishe selokhu iqalile imvunge kubhekwe okhethweni nemikhankaso isha phansi baningi esibazuzile abebekwezinye izihlangano abakhala ngokuthi bazisebenzele kakhulu benikezwa nezethembiso kuthi uma sekulungile bashiywe ngaphandle. Phakathi kwezindawo lapho amavolontiya e-AFR kanye nalabo efolose ngabo okhethweni oluzoba ngoNovemba 1, lenhlangano ekhankasa kuzo baningi abantu abantu ababesebeshiyile kupolitiki, kodwa abathathe isinqumo sokuvuka ngokuthi bayijoyine.
Lokhu kwenziwa yizethembiso enazo le nhlangano okuthi uma abantu bebuza ngenhloso yayo kutholakale ukuthi indlela esebenza ngayo kanye nezisekelo zayo zehluke kakhulu uma uqhathanisa namanye amaqembu epolitiki. Cishe ukungakhulumi kabi ngezinye izihlangano uma ukhankasa ngezinye zezinto ezitholela amalungu amasha lenhlangano kanye nokuxebula kulamaqembu abevele ekhona. Akusibona bodwa abe-ANC kanye nabe-EFF abashiya amaqembu abo, bakhona nabasuka kwezinye izinhlangano ebezivele zikhona futhi esezike zawezwa amakha okuba yingxenye kahulumeni kuwo wonke amazinga. Kwenzeka konke lokhu noe i-AFR kulindeleke ukuthi ibe nengqungquthela yabaholi bayo kuzo zonke izifundazwe okulindeleke ukuthi idonse izinsuku ezimbili eThekwini, uLwesihlanu noMgqibelo lapho kuzobe kwethulwa khona nomqulu wezethembiso wenhlangano.






