
AMALUNGU omphakathi waseTshelimnyama entshonalaga yeTheku, ashiye phansi imisebenzi yawo abhikisha aqonda emahhovisi oMkhandlu weTheku eyozwakalisa ilaka lawo ngokundonda kwentuthuko kulendawo engaphansi kuka-Ward 15.
Udaba okuyilona obeluseqhulwini yize umonakalo omkhulu udalwe yizimvula ezinamandla ezihlasele emasontweni amathathu edlule, kodwa ibhriji umphakathi uthi selokho kushintshana izandla zamakhansela ekuphatheni kule wadi, asibonakali sifezwa isikhalo sawo ngebhiliji. “Baqhamuke sebenza izethembiso, kodwa baphele emehlweni. Kusukela ngo-2019 kuze kube yinamhlanje. Kufanele kuze kufe bani? Sawelwa yizindlu nanamhlanje akukaze kubekhona lutho. Kwabhriji liphelile, abantu balaphayana eTshelimnyama bafisa owezimpukane ngendlela okwenzeka ngayo. Kukhona izidumbu ezingakatholakali kumanje,”basho kanje. Mayena nombuzo wokuthi njengoba uMasipala uhlezi uthumelela abantu ufike ufeze ziphi izethembiso. Baphendule ngokuthi zifike zibekhona izethembiso zabo, kodwa akukaze kwenzeke lutho, kuze kube yimanje. Ngaphandle kwebhriji umphakathi ukhala ngokubhidlikelwa yizindlu, futhi akukho nezindlu zesikhashana abakhelwa zona, bathe akukaze kubekhona lutho oluwusizo asebeke baluthola kuMasipala.
Bagcizelele ukuthi njengoba belapha eCity Hall basalwa indaba yezikhalo zango-2019, wathi akukaze kufezeke nesisodwa. “Njengoba izulu kade lina kunebhriji elihambile, izingane azikwazi ukuya esikoleni. Zonke izingane eTshelinyama zihlezi emakhaya. Esikoleni eTshelimnyama Primary akungeneki, ezisuka eMpola ziya eRoma (eMariannhill), azikwazi ukusuka eMpola, kodwa ezihlala ngaphandle kwaseTshelimnyama ziyakwazi ukuya, kodwa ezihlala eTshelimnyama azikwazi ngoba amnabhriji okuwela amukile,”basho kanje. Ngokusho komphakathi zintathu izikole ezivaliwe. Ngaphandle kwalokhu udaba lwamavawusha okudla njengoba abantu bedilikelwe luyinkinga. Babalelwa ngaphezulu kuka-15 abantu okuthiwa abakatholakali kulendawo okusolwa ukuthi banyamalale ngenxa yezikhukhula.
Ekhuluma egameni likaMasipala oyiphini leMeya, uKhansela Philanio “PG” Mavundla ngemuva kokwamukela uhlu lwezikhalo, uthe, “Mina angisiyena umuntu wezethembiso, kodwa engizokubeka esizokwenza. Ngiyayazi indawo yaseTshelimnyama ngiyazi kusawelwa ngotebetebe uma uyakhona kungakabi yileTshelimnyama osekuyiyona manje. Ngizofika ku-ward 15, ngizozifikela mina. Uma ngabe sengifikile ngizobona ukuthi yikuphi esingakwazi ukuthi sikwenze kulokhu enikushilo. Sizoqala ngalokhu okubaluleke kakhulu kuqala bese siqhubeka nokunye nokunye.” “Ngizocela nje into eyodwa engicela ukuba nisize ngayo eMawoti, sithe sihambisa abasebenzi beyosebenza kwase kubakhona ababavimbayo ukuthi bangasebenzi. Ngizocela nje nisisize eTshelimnyama nitshele laba abayiziqhwaga ukuthi uma bebona imoto heteu izosebenza bayiyeke izosebenza ngoba izosbenzela umphakathi. Ayizile ukuzoletha amathenda,:”kusho uKhansela Mavundla.






