AmaZebra ahlele isidlo sesikhwama sOhlange High

0
108

ABAFUNDI abadala basOhlange High abazibiza ngamaZebra bazophinde babuthane emgubhweni womsunguli walesi sikole uDkt John Langalibalele Dube obizwa ngeMafukuzela Week ozoqala namuhla, Agasti 31 uphele ngoSepthemba 3.

Lo mcimbi osekuphele iminyaka emibili ungabikhona ngenxa ye-Covid-19, kulo nyaka uzovulwa ngeFamily Day engo-August 31 khona Ohlange, uvalwe ngesidlo sakusihlwa okuhloswe ngaso ukuqhubeka nesikhwama sesikole esizobizwa nge-2nd Annual Fundraising Gala Dinner ezokwenzelwa eSandpiper Room eMt Edgecombe Country Club engoSepthemba 3, ngo 6 ntambama.

Isikhulumi sosuku kulesi sidlo ngusomabhizinisi uDkt Judy Dlamini kanti uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka uzokwethula imiklomelo emaqenjini azobe edlala ngoMgqibelo kuthi uThoko Didiza abe ngumphathi wohlelo .

Khona esidlweni kuzonandisa umculo kaKhaya Mahlangu wodumo lweSakhile. Uzobe edlala nabanya babaculi ababefunda kuso lesi sikole.

Umuntu ngamunye uzokhokha o uR1000, amalungu kumbe ababefunda Ohlange (Alumni) bazokhokha uR500 kuvale abazothnenga itafula labantu abayi-8 noma kungaba yizinkampani  ezizothenga itafula ngoR10 000 bese zimema ezibathandayo.

Amathikithi noMzuangathengwa ngokufaka imali kwi—account ye-Alumni FNB: 62897904572  Branch 251655. IReference: Kube yigama nesibongo /CD22. Ungathumela isiqiniseko sokukhokha ku-zandile@npiconsulting.co.za

Nnamuhla ngo-1 ntambama abafundi balesi sikole nalabo ababefunda kusona (alumni) bazohambela umndeni wakwaDube bagqoke umfaniswano was’ Ohlange.

Ngakusasa ngoLwesine kuzoba nemidlalo kanobhutshuzwayo, okuzovula iqembu labesifazane ngo-11h45 kuthi ngo-12h45 kudlale elabafana okuzodudulana kuwo UHlange noMzuvele.

Iqembu lamaZebra lizoholwa nguThabo Dladla owafaka iqembu likazwelonke lika-U/23 Amaglug kuma-Olympic ka-2000 eyiphini lika-Ephraim” Shakes” Mashaba elanqob a iBrazil ngo-3-1 eSydney.

Njengamanje uDladla ungumphathi wesikhungo sikanobhutshuzwayo esibizwa Izichwe Soccer Academy esise-University of KwaZulu-Natal eMgungundlovu.

UMzuvele wona uzobe uholwa nguJoel ”Fire” Faya wodumo lwaMaZulu FC noseqeqeshe amaqembu amancane oSuthu nakwamanye  aKwaZulu-Natali.

Ngo -2 ntambama kuzodlala unobhutshuzwayo wabafana abafunda khona Ohlange onamaqembu akhiwe ngabafundi abadlalela amaqembu adlala kwiDstv Premiership anobudlelwano nalesi sikole.

NgoMgqibelo kuzovulwa umzila wezokuvakasha obizwa Ohlange Heritage ngo-8h30 kuya ku-,10h00  ngo-11h00 kuya ku-2 ntambama kukhishwe imiklomelo, ezokwethulwa nguDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka.

Umphathi wohlelo kuzoba nguNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke uThoko Didiza. Bobabili uMlambo-Ngcuka noDididiza bangamaZebra akudala. Kuzo zonke lezi zinsuku kuzobe kudayiswa ama-Golft T/Shirt asoHlange azobiza uR300 nawo wonke umfaniswano wamaZebra.

Ngeminye imininingwane kungashayelwa uMpume ku- 0796964192, uZandi Mkhize ku-0820566479  noSiyanda Nxumalo ku-0834365615. Kuloba uNash Ngcobo