AFR vs ANC

0
71

“Akwaziwa mbhantshi kujiya okhethweni lokuchibiyela”

AKWAZIWA mbhantshi kujiya namuhla ngoLwesithathu okhethweni lokuchibiyela oluzobanjwa ezindaweni ezahlukene okuvuleke kuzo izikhala ngenxa yezimo ezahlukene.

I-Ward evuleka iyinyama kuMasipala weTheku u-Ward 101 lapho kuvuleke khona isikhala okwenzeke ngemuva kokubulawa ngokudutshulwa abantu ababelalele unyendle i-African National Congress (ANC) eyayifolose ngaye okhethweni lohulumeni basekhaya obelungoNovemba nyakenye. Angu-8 amaqembu abhalisele ukhetho kule-wadi okuyi-African Restoration Alliance efolose ngoKamala Thomas, i-African Freedom Revolution, efolose ngoMlungise Philimon Sithole, i-African Matungwa Community efolose ngoGabisile Irene Khumalo, i-African National Congress ifolose ngoMkhipeni Mzimuni Ngiba, i-Democratic Alliance igadla ngoKethokuhle Siboniso Sibisi, i-Economic Freedom Fighters ihlasela ngo–Emmanuel Lucky Mvundla, i-Inkatha Freedom Party iqhoshe ngoQhambushilo Mkhize besekuthi i-Truly Alliance ifolose ngoCassim Ebrahim Malani.

Yize kunjalo kubonakala umbango omkhulu nokuthi ngubani ozodla umhlanganiso ngenxa yamavoti uzoba phakathi kwe-AFR kanye ne-ANC ngenxa yokuthi abaholi balezinhlangano zombili ayaziwa amagalelo abo wokufaka umfutho kubalandeli bawo, ngokunjalo nokuthi womabibili lamaqembu imikhankaso yawo ibishubile kule wadi.Ngokwesitatimende se-Independent Electoral Commission (IEC) lolu khetho lwenziwa kulandela ukushona kwamakhansela ayisishiyagalolunye. Ukuvota ku-wadi 101 kuzokwenziwa eziteshini zokuvota ezinhlanu okuyi-Westridge Park Tennis Stadium, isesikoleni samabanga aphezulu saseMayville, ise-University of Natal Sports Field, isikole samabanga samabanga aphansi saseCarrington Heights kaye nasesikoleni samabanga aphezulu saseWestridge.