KWETHULWE uhlelo oluzosiza abafundi base-INK ngolwazi oluyimvelakancane oluzobasiza ekutheni bengasali ngemuva kozakwabo abavela ezindaweni zezicebi nabakwamanye amazwe kwi-4th Industrial Revolution.
IMapholoba Foundation ngokubambisana neGo Digital SA Foundation, isungule uhlelo oluzobhekelela ukuthi abafundi bayakwazi ukusebenzisa nokuzisungulela ubhuchwepheshe babo. Lokhu kuhlose ukubavulela amathuba kwezamabhizinisi. Okwamanje kusahlelwe ukuthi lolu hlelo luyiswe eJ.L Dube High kanye naseNhlakanipho High, uma selusebenza ngokuphelele luyobe seledluliselwa nakwezinye izikole zaKwaMashu, Inanda nezaseNtuzuma. UMnuz Thembinkosi Ngcobo onguMsunguli weMapholoba Foundation, uthe okwamanje basaxoxisana nezinhlaka ezehlukene ngenhloso yokuthola konke okuzodingeka kulolu hlelo. Uthe bazama ukuqinisekisa ukuthi izingane ziba nekusasa eliqhakazile. “Sithe uma sibheka sabona ukuthi izingane zisemuva kakhulu kwezobuchwepheshe uma siziqhathanisa nezakwamanye amazwe. Sibe sesiqoka ukuba sizisize ngoba okuningi kuyobe kungasefani enkathini ezayo, kuyadinga ukuthi zilulungele ushintsho,” kusho uNgcobo.
Uthe lokhu kuzofezeka ngokuthi kube nengqalasizinda kanye nezinsiza ezidingwa abafundi ezihambisana nobuchwepheshe besimanjemanje. Uthe bakholwa ukuthi lolu hlelo luzokwenza impilo ibe lula kubafundi abazohlomula kulo. “Ngaphandle kokuzisungulela obabo ubuchwepheshe, sifuna nokubafundisa izindlela zokwenza imali kuma-app ajwayelekile abawasebenzisa nsuku zonke. Kusemqoka ukuthi sihambelane nezikhathi,” kusho uNgcobo.Uthe imgomo yomvalelandlini ibatshengise ngokusobala ukuthi kuningi kangakanani okumele kushintshwe nokuthi seziziningi izindlela zokwenza imali nezokuhwebelana ezingadingi ukuthi abantu beye emsebenzini noma beye kwamanye amazwe.






