Kuzosiphuka izidindi emidlalweni yeligi

0
118
Kuzoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela emdlalweni weDStv Premiership ozokuba phakathi kweKaizer Chiefs ne-Chippa United ozokuba ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-5.30 ntambama

KULINDELEKE ukuthi liqhubeke nokucokama izinga lemidlalo yeDStv Premiership ezodlalwa kusukela kusasa ngoLwesihlanu, Okthoba 14 kuze kube yimpelasonto lapho kubhekeke ukuthi kuphinde kubonakale amanye amaqembu eqhubeka nokukhombisa ukuhlangana.

IKaizer Chiefs esinqobe kathathu kulandelana kuDStv Premiership ngesikhathi ihlula iStellenbosch FC ebinabadlali abangu-10 ngo 3-1 eDanie Craven Stadium ngeSonto ntambama kulindeleke ukuthi idudulane neChippa United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo, Okthoba 15, ngo-5.30 ntambama. I-Orlando Pirates ebambane ngo 0-0 neRichards Bay emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa e-Orlando Stadium ngoMgqibelo kusihlwa kulindeleke ukuthi igadulisane naMaZulu FC, kuyo lenkundla ngo-7.30 kusihlwa. IRichards Bay eqhubekile nokuqala kahle isizini yeDStv Premiership ngemuva kokuhlula AmaZulu ngo 1-0 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu olwedlule ebusuku kulindeleke ukuthi ngoMgqibelo ibhekane neMaritzburg United eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngo-3.30 ntambama.

IGolden Arrows edlale ngokulingana kuba ngu 1-1 neCape Town City emdlalweni wabo weDStv Premiership obusePrincess Magogo Stadium ngoLwesibili olwedlule kusihlwa kulindeleke ukuthi yamukele iStellenbosch ngoLwesihlanu kuyo lenkundla ngo-7.30 ebusuku. Khonamanjalo aMaZulu FC athathe isinqumo sokwehlana ngezindlela nobengumqeqeshi wawo uBrandon Trutter ngemuva kokungatheli izithelo ebezilindelekile, aqoka obengumqeqeshi weMarumo Gallants uRomain Folz njengomqeqeshi omusha weqembu. USuthu olusanda kuqeda ubudlelwano noTrutter ngemuva kwemiphumela emibi ehlanganisa ukuhlulwa kathathu emidlalweni yalo emine edlule, kowakamuva libhekene nabafana abasha iRichards Bay FC phakathi nesonto.

Usuthu seluphumele obala ngesifiso salo sokulwela zonke izindebe ezikhona kulo mkhankaso, kanti kulokhu lukhethe ukuthi le nsizwa yaseMorocco ihambe phambili. “AmaZulu ayakuthokozela ukumemezela ukuqashwa kwabaqeqeshi ababili uRomain Khalid Folz no-Ayanda Dlamini njengomqeqeshi kanye nephini lokuqala lomqeqeshi ngokulandelana kwabo, kusukela namuhla kuze kuphele isizini yamanje (2022/23) ezayo ngoJuni,” kusho isitatimende seqembu. “URomain Folz, odabuka eMoroccan, eFrance, ungusomaqhinga onekhono nonengqondo ehlaziya ibhola. Ubengumqeqeshi weMarumo Gallants kuze kube muva nje. U-Ayanda Dlamini ubengumqeqeshi waMaZulu FC ngaphambi kokufika kukaBenni McCarthy ngoDisemba 2020. Kusukela lapho ubesebenza nerizevu yaMaZulu FC okuyiqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge,” kuqhuba isitatimende.

Imidlalo yeDStv

Premiership

NgoLwesihlanu: Orlando Pirates vs AmaZulu (Orlando Stadium, eSoweto, 19:30);  Golden Arrows vs  Stellenbosch (Princess Magogo Stadium, Durban, 19:30)

NgoMgqibelo

Richards Bay vs Maritzburg Utd (King Zwelithini Stadium, Umlazi, 15:30); Kaizer Chiefs vs Chippa United ( Moses Mabhida Stadium, Durban, 17:30)

NgoLwesibili

(Okthoba 18)

Chippa United vs Sekhukhune (Sugar Ray Xulu Stadium, Clermont, 17:00); Stellenbosch VS SuperSport Utd (Danie Craven Stadium, Stellenbosch, 17:00); Golden Arrows vs Orlando Pirates (Princes Magogo Stadium, KwaMashu, 19:30)

NgoLwesithathu

(Okthoba 19)

AmaZulu vs Maritzburg United (Moses Mabhida Stadium, Durban, 17:00).