
UMASIPALA weTheku ngokubambisana noVodacom kanye noMcDonald bahlanganyele ndawonye eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngenhloso yokufisela indlela enhle kubadlali beqembu lamaBhokobhoko labesifazane obungoLwesibili.
Leliqembu kulindeleke ukuthi libambe iqhaza emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ezoqala ngo-Okthoba 8 iphele ngoNovemba 12, eNew Zealand.
Zinhlanu izintokazi eziqhamuka kulesi sifundazwe eziboshelwe esikwatini samaSpringbok ezinye zazo okuvele ukuthi ziqhamuka emindenini exakekile nokuthi zibe yingxenye yokuba leli qembu likwazi ukungena kwi-Women’s Rugby World Cup 2022.
Ngokohlu lwemidlalo ezoqala ngo-Okthoba 8 iNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi iduduylane neFrance e-Ednen Park, e-Aukland, ngo 2.15 ntambama. NgeSonto, Okthoba 16 iNingizimu Afrika izodudulana neFiji eWaitakere Stadium, e-Auckland ngo-5.45 ntambama. NgeSonto, Okthoba 23 idlala ne England eWaitakere Stadium, Auckland, ngo-5.45 ntambama.
NgoMgqibelo, Okthoba 29 nangakusasa ngeSonto, Okthoba 30 kuqala imidlalo yama-Quarter Final. NgoMgqibelo Novemba 5, ama-semifayineli bese kuthi ngoMgibelo olandelayo, Novemba 12 kube amafayineli.






