KULINDELEKE ukuthi uzulu ube ngangezihlabathi zolwandle engqophamlandweni womcimbi wokunikezwa ngokusemthethweni isitifiketi esigunyaza, uMntwana uMisuzulu kaZwelithini sokuba yiSilo ngokumsemthethweni.
Lomcimbi okulindeleke ukuthi ube ngempelasonto eMoses Mabhida Stadium, lapho okulindeleke izimenywa eziqhamuka emazweni ahlukene, uzobe ulandela obuKwaKhangelamankengane, KwaNongoma obekugowokufakwa kweSilo esibayeni nawo obekutheleke izinkumbi zikaZulu kuhlanganisa nezikhulu zemikhakha ehlukene kanye nabaholi bepolitiki abebeqhamuka emaqenjini ahlukene.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abantu abajwayelekile, osopolitiki abaphezulu nabasebukhosini abavela ezwenikazi lonke lase-Afrika, amalungu esizwe samaZulu abezozibophezela ukwethembeka eNkosini.
Sikhuluma nezinkumbi zabantu ebezibuthene eSigodlweni, iSilo uMisuzulu kaZwelithini sithe ukuphuma ngobuningi bukaZulu nezimenywa buwubufakazi bokuthi isizwe samaZulu sibumbene. “Ngithanda ukunibonga ngokubonisa umhlaba wonke ukuthi niyisekela ngokugcwele iNkosi.”kusho iSilo.
ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, umenyezelwe njengeSilo samabandla ngemuva nje kokukhothama kukayise, iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngasekuqaleni konyaka odlule, ngoMashi. Uhlonishwe nguMengameli Cyril Ramaphosa njengeSilo esiqokiwe.
Kulomcimbi wangempelasonto iSilo uMisuzulu utshele abantu ukuthi uRamaphosa uzohambela umlenze wesibili nowokugcina wokuthweswa kwakhe ubukhosi, okuhlelwe ukuthi ube seThekwini ngosuku olusazomenyezelwa.
“UMengameli usesikhiqizile isitifiketi sokuhlonishwa kweSilo samaZulu. Uzosinikeza mathupha isitifiketi kulo mkhakha wesibili wokuthweswa kwakhe inkosi. Isitifiketi uMengameli azolethula emlenzeni olandelayo wenqubo yokugcotshwa asinawo amagama amabili noma amathathu – sinelilodwa kuphela, futhi lelo gama ngelami,”usho kanje waphinde wabonga uNdunankulu kaZulu, Nkosi Mangosuthu Buthelezi ngokuhlezi eseduze kwakhe.






