Amaphoyisa akhuthaza ukubambisana phakathi kwezinhlaka zezokuphepha nomphakathi

0
193
Amaphoyisa akwaSAPS asebenzise ikhono ukusabalalisa umyalezo wokubambisana ekulweni nobugebengu

ABANTU baseningizimu yeTheku abawuvali umlomo ngethuba eliyingqayizivele alitholile lokudlalelwa umculo iqembu lamaphoyisa akwaSAPS akulo leli lokishi ngenkathi kuqhutshwa umkhankaso wokulwisana nobugebengu.

Amaphoyisa abenandisa emcimbini obuseMlazi Mega City muva nje. Ebephelezelwe abezinhlaka ezehlukene abambisene nazo ekulweni nobugebengu kuzo okubalwa abeMlazi Community Policing Forum kanye nabeDurban Life Line.

USergant Gumede woMlazi Social Crime Prevention Unit ufundise izakhamuzi ngamaqhinga ezigebengu uma zifun ukuduna izimoto. Uthe abashayeli kumele behlale beqaphe konke okwenzeka eduze kwabo, uma kukhona obalandelayo beshintshe indlela abahamba ngayo.

Uphinde wakhuthaza abazali ukuba begade okwenzeka ezimpilweni zezingane zabo ukuze zingeke zizithole sezingena ekusebenziseni izidakamizwa ngoba lokho kuholela ekutheni zigcine sezenza ubugebengu ngenhloso yokuthola imali yokuthenga izidakamizwa.

UWarrant Officer Sithembile Shezi yena uthinte kwizigameko zodlame lwasekhaya, wathi akusibo abesimame kuphela ababa izisulu zakho. Uthe akekho okumele esabele ukuyofuna usizo esiteshini samaphoyisa.

UMnuz Mandlenkosi Ngcobo onguSihlalo weMlazi Community Policing Forum, wanxusa umphakathi ukuba usize amaphoyisa ngolwazi oluzoholela ekuboshweni kwezephulamthetho. Ubonge izakhamuzi eziyingxenye yamakomidi amawadi ezilwisana nobugebengu.

UNks Thuli Taylor onguSonhlalakahle kwiDurban Life Line, uchazele abantu ngezinhlelo ezitholakala kule nhlangano, wathi kumele bengahambeli kude nayo ngoba usizo khona lutholakala mahhala. Banezinhlelo zokweluleka nangokwengqondo.

UBrigadier B Nkabinde onguMphathi wesiteshi, uthe njengoba uMlazi ubalwa kanye nezindawo ezihamba phambili ngobugebengu, kusemqoka ukuthi kube nokubambisana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi ukuze kuzoba nozinzo.

“Asingazivikeli izigebengu ngoba siyazazi, sihlala nazo emphakathini. Wonke umuntu ofisa ukunika amaphoyisa ulwazi uvumelekile ukuba exhumane nami, ngiyathembisa ukuthi ngizomuvikela,” kusho uNkabinde.