UDokotela Ngeyane uchome uphaphe legwalagwala uDkt. Angiyukweswela

0
147

UKUZITHOBA kanye nokungakhohlwa abantu abakubeke ebalazweni nabawusizo empumelelweni yakho kuholele ekutheni uDkt. Nonkululeko Madondo odume ngelikaDkt. Angiyukweswela obuye abengumlingisi emidlalweni yeshashalazi athole izibusiso zokumfisela inqubekela phambili kukho konke akwenzayo.

UDkt. Senzo Ngeyane umphathi wesikhungo sobuciko, iWarrior Academy Institute esicija amaciko futhi esesikhiqize inqwaba yawo futhi owuShansela lokhu kuvele emazwini okubonga awadlulise kuDkt. Angiyukweswela ngemuva komcimbi amenzele wona okwenye yezindawo eziphambili eThekwini wokumbonga ngendima ayidlalile empumelweni yakhe wagcina esehlonishwa ngeziqu zobudokotela yisikhungo sikaDkt. Ngeyane ngokubambisana neHoly Nation Bible College.

“Engingakusho kulomsebenzi owenzeke namhlanje (esho impelasonto edlule) ukuthi ngiyabonga, ngibonga, uNkulunkulu ngoDokotela. Baningi odokotela, ebengikade ngibahlonipha ngomhlaka Meyi 21, kanye neHoly Nation Bible College sasibambisene. Mina njengoShansela kungenza ukuthi ngithobeke kakhulu futhi ngiqhubeke ngimbonge uNkulunkulu kakhulu ngento ayenzele isikhungo njengoba nje uNkulunkulu esibusisile la ekhaya sesine Warrior Academy Institute.

Kulapho ke esizokwenza khona wonke umsebenzi wokuthi sibhalise amabandla ngokusemthethweni, senze umsebenzi wokuthi sikhuthaze abefundisi nabantu ababiziwe uNkulunkulu noma ngabe ubani obiziwe uNkulunkulu. Ukuhlonipha njengesisebenzi somphakathi esikhuthele njengoShansela nokuhlonipha labo bantu abasebenzile kakhulu njengaye uDkt. Angiyukweswela,”kusho uDkt. Ngeyane.

“Ngiyaziqhenya futhi ngitusa yonke into asebenzele yona (uDkt. ANgiyukweswela) nayenzele izingane ingxenye yomsebenzi wakhe eyenze ngize ngiholeleke ekuthaneni ngibheke emuva kukho konke akwenzayo, ukuthi lomuntu ungumuntu okufanele ukuthi ahlonishwe.  Ungijabulisile ngoba usukume phansi wathi noma usuku lwami lokuzalwa noma kwenzekani kodwa ngizothatha izingane zala kwi Warrior Academy Institute ngizothatha zona lezi zingane ngiyojabula nazo ngidle nazo,”kuqhuba Dkt. Ngeyane.

“Wangichazela yonke into ngaphansi kokuthuthukiswa komphakathi ngoba lentsha esinayo namhlanje, labo mama esinabo namhlanje, labo baba esinabo namhlanje bangabantu abaqhamuka emphakathini esiphila kuwona, okusho ukuthi kuyingxenye yomsebenzi wakhe uDkt. Angiyikuswela. Sengathi uNkulunkulu angamkhulisa kakhulu kulokhu akwenzile.  Ngiyabonga kakhulu nokho bekungekho lula ukuthi sifinyelele lapho esikhona,”usho kanje.

Echaza uDkt. Angiyukweswela ngalomcimbi abewenzile uthe, “Inhloso yami bekuwuthi ngibonge ngoba ngagcotshwa njengoDokotela. UDokotela Ngeyana ungumuntu owakwazi ukungithola ukuthi ngiwumuntu osizayo emphakathini. Njesintu umuntu uma ethole umsebenzi uye ahambe ayokwenza umsebenzi ekhaya abonge. Mina ngabona ukuthi lena akube yindlela yami le yokuthi ngiyobonga kuDkt. Ngeyane ngokuthi anginikezele leli thuba lokuthi ngikwazi ukuhlonishwa njengodokotela. Lena bekuyindlela yokubonga uDkt. Ngeyane kanye neHoly Nation Bible College”.

UFakazile Mzobe waseHillcrest elinye lamaciko athole ukuthuthuka ebukela kuDkt. Angiyukweswela utuse umsebenzi wakhe kanye noDkt. Ngeyane ngendlela abaphenduka babewusizo ngayo kubona nasemphakathini. “UDKt. Madondo (Angiyukweswela) ngimazele kuyona le Industry. Ngicabanga ukuthi unyaka wesine lo sineye. Sihlangane naye sikwenye i Workshop wawumuntu ezintweni eziningi usesisize kakhulu, ukuthi sifike lapho esifike khona manje,”usho kanje.

“Siyabadinga kakhulu abantu abanjengo Dkt. Madondo kanye noDkt. Senzo (Ngeyane) abantu abanjengabo abandile, abantu abathi uma kukhona okuncane abakuzuzile empilweni bakubuyise kunjengoba kunjalo, bazibuyisele kithina esiphansi, bayakwazi ukunikela ngakho konke. Uma unenkinga ubathintile bayafika. Nakwinhlekelele le yezikhukhula ebikhona bafake isandla emphakathini kunezingubo abebenikela ngazo, impahla ukudla izindawo zokulala futhi akukho abangakwenzanga,”kuphetha uFakazile Mzobe.