Kukhathazwa umoya wobumbano emabandleni

0
72
Abefundisi bakhuthaze ukwamukelwa kwabokufika kuleli

UMKHANDLU wamabandla enkolo yobuKhrestu KwaZulu-Natal usukhuthaze ukwamukelana kulesifundazwe, wagqugquzela abefundisi ukuba basabalalise umyalezo wobumbano emabandleni wabo.

Lokhu kwenzeke ngenkathi kunengqungquthela yokubonisana ngezindlela zokubhekana nenkinga yokucwaswa kanye nodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli ebihlanganise izakhamuzi zaseMlazi, iSouth Korea, iBurundi, Congo nezaseZimbabwe.

UMfu. Sipho Sokhela onguMxhumanisi wezinhlelo emkhandlwini, uthe kusemqoka ukuthi kube abaholi bezenkolo abakhuthaza ukuzwana nokwamukelana ngoba ingxenye enkulu yezakhamuzi iyakholwa, abaningi baya ezinkonzweni masonto wonke.

“Izingxabano eziningi ziqalwa ukungaqondi indlela yokuphila ngoba abantu abazani. Ukuhlanganyela ndawonye sizobonisana, sidumise, sibe nezemdlalo yikho okuzokwazi ukuhlanganisa abantu ndawonye,” kusho uMfu. Sokhela.

Uthe ukucwaswa kwabokufika kungenziwa nawukuthi abakuleli abakaze bevakashele kwamanye amazwe, abanye abakaze bephume ngisho kwisifundazwe. Uthe kumele kube nezinhlelo zikahulumeni zokukhuthaza abakuleli ukuba bamukele abokufika.

UMfu. Bigirimana Mathias ongumholi wabafundisi bokufika kulesifundazwe, uthe sezibe ziningi izigameko zokucwaswa kwabokufika kusukela eqala ukufika kuleli eminyakeni engu-20 eyedlule.

“Ngaqala ukubona ukucwaswa kwabokufika ngo-2008, kwaphinda nango-2015. Sekuphinde kwaqala phansi. Angikholwa ukuthi izakhamuzi zakuleli ziyasicwasa, idlanzana labantu kuphela elicwasayo. Uma singalwisana nakho, kuzoba lula ukukunqoba,” kusho uMfu. Mathias.

Uthe kusemqoka ukuthi abokufika, abaholi bomphakathi nabezepolitiki belalele izikhalo zezakhamuzi ngabokufika, zingazizibi ngoba ukunganakwa kwazo kuholela ekucwasweni kwabokufika, kwezinye izigameko kuqubuke udlame.

“Kumele sivale igebe phakathi kwezakhamuzi zakuleli nabokufika, sithole indlela efanele yokubhekana nezikhalo. Asingabehluleli singazi yini abakhala ngayo, asibanike nethuba lokubafundisa nokuthi kungani abakwenzayo kungalungile,” kusho uMathias.

UMfu. Peter Han we-International Youth Fellowship, uthinte ekuthuthukisweni kwamakhono wabantu bakuleli. Uthe izikhalo eziningi zingenxa yokuntula kwemisebenzi, akholwa ukuthi uma abantu bengathola amakhono okuziphilisa ngeke bebange imsebenzi.