Ithuba eliyivelakancane ezinganeni ezingahlali nobaba bazo

0
69
Bathole ithuba eliyingqayizivele lokuyongcebeleka e-Ushaka Marine World

INJABULO ibibhalwe ebusweni kwizingane zabafana ezithole ithuba lokuyongcebeleka e-Ushaka Marine World ngenkathi kubungazwa usuku lobaba, zachitha usuku lwazo ngemidlalo, zathola nezeluleko ezibalulekile.

Ukukhipha izingane zabafana ziyongcebeleka bekuwuhlelo lweSivusisizwe Africa Initiative ngokubambisana ne-Inkonjane Youth Development. Bekukhishwe izingane zabafana ezingahlali nobaba bazo.

Lolu hlelo lusungule ngenxa yezibalo eziphezulu zabantwana abakhula bengenabo obaba nokuholela ekutheni begcine benokuzenyeza, ukungazethembi, kanti kwezinye izigameko kuholela nasekutheni begcine bengakhulisekanga ngendlela efanele.

Konke lokhu kungaholela ekutheni begcine bengene ebugebengwini nakwizidakamizwa, okwenza ukuthi kugcine kwenyuka nezibalo zezigameko zodlame lwasekhaya nokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabantu besifazane.

UNks Dudu Thabede weSivusisizwe Africa Initiative, uthe le nhlangano isebenza kakhulu ngezingane zabafana ezikhula ngaphandle kobaba bazo kanye nomama abakhulisa izingane zabafana ngababodwa.

“Izibalo zezingane ezikhula ngaphandle kobaba bazo ziyashaqisa. Nakuba lokhu kungekuhle ezinganeni zabafana nezamantombazane, kodwa kulokhu besiqoke ezabafana kuphela. Besihambe nezingane ezingu-35,” kusho uThabede.

Uthe lokhu bekuhlose nokwakha ubudlelwane nezingane ukuze zizoba nabantu abadala ezibethembayo, ezizokwazi ukukhuluma nabo uma kukhona izinkinga ababhekene nazo. Uthe lokhu kuhlose nokulekelela kwizinkinga zengcindezi nokhwantalala.

“Sifuna ukufundisa izingane zethu ukuthi kuhle ukukhuluma ngemizwa yazo, sizinike izifundo zempilo, ziphinde sizifundise nendlela yokuxazulula izinkinga. Sizosebenzisana namadoda azibophezele ekubumbeni ikusasa lezingane,” kuqhuba uThabethe.

Okwenziwe kwenzeke ngoxhaso lweVodacom, Ushaka Marine World, uMasipala weTheku, nabanye. UThabede ubonge kubaxhasi, wathi abebekuhlelele izingane bekungeke kuphumelele ngaphandle kwabo.

Izingane beziphelezelwe uNks Jabu Zungu waseBashokuhle Primary, uMnuz Khule Mathonsi noNks Dudu Duma beSivusisizwe Africa Initiative, uMnuz Thwana Mahlangu weVodacom, uMnuz Vuma Mfeka owayenguthishanhloko waKwaMgaga High kanye noMnuz Derrick Ngcobo.

Okwamanje lezi zinhlangano zombili zisasebenzisana nezikole zaseMlazi okuyiKwamathanda High, Bashokuhle Primary kanye ne-Ekuthuthukeni Special School. Zihlele nokudlondlobalisa izinhlelo zazo zisabalalele kwezinye izikole, kanye nesifundazwe sonkana.