
KULETHE eliukhulu ithemba emndenini wakwaMdlalose eMzinyathi, eNanda, ngemuva kokuthi imvula ebinamandla yangempelasonto iholele ekutheni kutholakale isidumbu.
Ngesikhathi kuhlasele izimvula ezinamandla ngenyanga edlule umndeni wakwaMdlalose ungeminye yemindeni eyashayeka kakhulu njengoba kunezihlobo ezine ezingajkatholakali.
Ekhuluma nabemithombo yezindaba uMnuz Thokozani Mdlalose uthe, ulungiselela ukuya eThekwini ukuyoqinisekisa ukuthi ngempela yisidumbu sikadadewabo yini lesi esitholakele ngoba nendawo esitholakale kuyo ayiqhelile kakhulu nasemzini wakubo.
Umndeni wakwaMdlalose walahlekelwa indlu ngesikhathi izikhukhula zimuka nomuzi ngo-Ephreli. Izidumbu zamalungu omndeni ayisithupha kwayishumi ezalahleka sezitholakele zangcwatshwa.
Phakathi kwemibiko yomonakalo odalwe yimvula ebinamandla, kubalwa amafulethi aseMdloti okukhishwe abantu kuwo ngemuva kokuwa ngoMgqibelo ebusuku.
“Sibambisene namaphoyisa endaweni yesigameko yaseMdloti sitakule abantu ngokuphepha efulethini ebeliqala ukuwa,” kusho uPaul Herbst we-Medi Response.
Kwezinye izindawo eziningi sekukhishwe abantu abaningi njengoba abezimo eziphuthumayo sebeqaphe ngeso lokhozi kanti nombutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) usutshaliwe.






