Isexwayiso samaphoyisa uma kunomuntu odukile

0
125
UConstable Sithobile Nyoni okhulumela uphiko Iwezokuxhumana emaphoyiseni aseMlazi

AMAPHOYISA aseMlazi asegqugquzele izakhamuzi ukuba zingalindi kuze kudlule isikhathi eside uma zikholwa ukuthi oyisihlobo sazo udukile, uma kunezinsolo zokuthi udukile kumele kubikwe esiteshini samaphoyisa ukuze kuzolandelwa umkhondo ngokushesha.

Owezophiko lokuxhumana kwisiteshi samaphoyisa akwaSAPS eMlazi, uConstable Sithobile Nyoni (Osesithombeni), uthe izibalo ziveza ukuthi cishe usuku nosuku kukhona umuntu odukayo kuleli. UNyoni usho kanje ngenkathi enenkulumo ekhethekile kwisiteshi somsakazo somphakathi Intokozo 101.2 FM.

Uthe uma kuduka umuntu oyisihlobo, ongumngani noma onguzakwenu, kusemqoka ukuthi kuvulwe icala lokuduka komuntu esiteshini samaphoyisa esiseduze. Uthe asisekho isikhathi okumele silindwe ngaphambi kokuvula icala, uma kunecala elivulwayo umphenyi walo ufifaka kuhlu lwabadukile iNational Bureau for Missing Persons.

“Umuntu othathwa njengodukile ilowo ongatholakali lapho kulindeleke ukuthi abe khona, okuthi uma umndeni wakhe uzama ukumthinta ungamtholi futhi engaziwa ukuthi ukuphi. Ingane edukile ileyo abazali bayo noma abayinakekelayo bengayazi ukuthi ikuphi. Uma uyovula icala lokuduka komuntu kusemqoka ukuthi uphathe isithombe sakhe esisha.”

UNyoni uthe isithombe asisiyo impoqo, icala liyavulwa noma singekho kowa siba usizo olukhulu emaphoyiseni. Kumele uphinde ukhumbule ukuthi umuntu odukile wagcina ukubonakala ekuyiphi indawo, egqoke ziphi izimpahla, nanoma iluphi olunye ulwazi ocabanga ukuthi lungasiza amaphoyisa ukuthi esheshe emthole.

Ube esexwayisa abantu abasha abasathanda ukuba uvanzi, wathi kusemqoka ukuthi uma behamba izindawo zabo okungenani kube nomuntu oyedwa owaziyo ukuthi balibangise kuphi, nokuthi bahamba nobani ukuze bezovikela abazali ekubeni nengcindezi. Uthe kusemqoka ukuthi kube khona omazisayo uma uhamba ekhaya.