Amawele odumo noshintsho emculweni

0
173
Izingoma zawo ziphuma ngaphansi kweThe Orchad, yona engaphansi kwSony Music.

AZIMISELE ngokushintsha indima yezomculo ingunaphakade amawele asanda kukhipha ingoma eshisa izikhotha esihloko sithi-Imali, kuyo asebenzisane noBhar kanye no-uSiko Lwethu.

UZakhele noSakhile Biyela abaziwa ngokuthi AmaGrootman, asezakhele igama ngokusebenzisana nabaculi abamnkantshubomvu kubo okubalwa uDj Tira, Oskido, Sir Bubzin, nabanye. Sebeke basebenza ngaphansi kwesitebele iKalawa Jazmee Records. Aphinde avulela abanye abaculi ithuba, kanti anenkampani yawo ayisebenzisela ukuvundulula amakhono iPhat Cheese Entertainment.