
SILOBE izolo ngoLwesithathu kusalindeleke ukuthi amanzi abuyele ngokugcwele ezinsukwini ezimbalwa ezizayo okuyisethembiso esenziwe aboMngeni Water ngoMsombuluko.
Lokhu kushiwo nguSihlalo webhodi, uNks Ziphozethu Mathenjwa, ngemuva kokuhlola amapayipi alimele eHillcrest nasezindaweni zaseWushwini, eMolweni, KwaNgcolosi entshonalanga yeTheku ngoMsombuluko. Uthe amapayipi alimele aphuma eNagel Dam naseNanda Dam. Kusukela kulimale ingqalasizinda emasontweni amabili edlule onjiniyela bebesebenza ubusuku nemini bebuyisela amanzi komasipala abakhahlanyezwe kakhulu yizikhukhula. Wengeze ngokuthi izakhamizi kanye namabhizinisi bangalindela ukubuyiselwa okuphelele kwamanzi abo ezinsukwini ezimbalwa. UMathenjwa uthe uMngeni Water kudingeke ukuthi usebenzise amaphampu ukuze kuthuthukiswe ukuphakelwa kwamanzi, ukhiphe umhubhe othungatha amanzi u-3, uzokhipha umzila owu-4, okungakaze kwenzeke phambilini.
Ubehambisana nenkosi uBhekisisa Bhengu nekhansela laku-ward 9 uKhansela Nonsikelelo Msomi nezinye izikhulu. Uthe umphakathi kufanele ukuthokozele ukukwazi ukuthi ukuphakelwa kwamanzi sekuthuthukile kusuka ku-120 wama-megalitres ngosuku kuya ku-510 megalitres, okuphakathi kwamaphesenti angu-80 kanye no-90% amanzi ajwayelekile. “Uzobona ukuthi kunenqubekela phambili esesiyihambile. Emuva kokuthi izikhukhula zicekele phansi uhlelo lwethu emasontweni amabili edlule sehle safinyelela ku-120 megalitres ngosuku, ebezohlinzeka abantu abacela ku-800 000 kuphela, kodwa manje sesenyukele ku-510 megalitres, okukutshela ukuthi sesiseduze kakhulu nokubuyisela amanzi ngokugcwele. bonke abathengi. “Kubalulekile ukukusho lokhu uma sibheka imibiko esiyithola ezindabeni lapho abantu belwela amanzi, sezwa omunye wabasebenzi obesebenza esigabeni samanzi kumasipala ebulewe eVerulam, yize singenaso isiqiniseko sokuthi bekuhlobene noma. hhayi ngakho-ke sicela ukuthi kube nesineke emiphakathini yethu,” kusho uMathenjwa. Uthe onjiniyela babo balinganise ukuthi umonakalo uzodla u-R850 million ukuwulungisa, wathi maningi amathuba okuthi lesi sibalo sinyuke njengoba bekungakaphothulwa ukuhlolwa ngoba kunezindawo ezingafinyelelwa ngendiza enophephela emhlane kuphela.
Ithimba lakhe lizobuya ngoLwesithathu lizokwenza uhlolo lokugcina, kanti ngempelasonto umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda eyonakele uzoqala. UMathenjwa uxwayise izakhamizi ukuthi zingawasebenzisi amanzi aphuma emapayipini alimele, ngoba amanye amapayipi athwala imfucuza. Uthe uyesaba ukuqubuka kwezifo ezifana nesifo sohudo, wanxusa abantu ukuthi bawabilise amanzi abawakha emifudlaneni. Inkosi uBhengu iphinde yahlaba ikhwelo lokuthi kube nokuzola nokubekezelelana ngesikhathi uMngeni Water ulungisa ingqalasizinda. IWushwini ingaphansi kuka-ward 9 kanti ingenye yezindawo ezikhahlamezeke kakhulu, njengoba kuqinisekiswe ukuthi bashonile abangu-24 kanti abayisishagalolunye basadukile. UKhansela Msomi uthe amathimba okuthungatha nabatakuli asathungatha izidumbu okukholakala ukuthi ziguguleke eNanda Dam.






