
AMAPHOYISA aKwaNdengezi entshonalanga yeTheku athi ngenxa yamacala amaningi umphakathi owabikile athinta izigameko ezahlukene athi abone kubalulekile ukuthi axwayise umphakathi ngobugebengu obuzodlanga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Phakathi kwezigameko ezehlukene ezenzeke ezindaweni ezingaphansi kwalesi siteshi kuhlanganisa nasezitolo kanye nasemishinini yokukhipha imali, ama-ATM, abale ukwanda kwezigameko zokugqekezwa kwemizi, amakhadi e-ATM, ukuqashwa kwamathuluzi kagesi nokuthenga nge-internet osekuvamise ukuthi kube nabantu abaqolwayo. Okhulumela amaphoyisa aKwaNdengezi, uConstable Khanyisile Mbokazi, uveze ukuthi izigebengu namaqola zihlale zifuna izindlela zokuqola abathengi abangakabanalo ulwazi ngalobu bugebengu.
“Njengoba kuyiwa emaholidini abantu siyabacela ukuthi bayeke ukushiya izindlu zinganakiwe noma engekho ozobagadela zona. Baqikelele ukuthi abashiyi amafastela evuliwe ikakhulukazi uma bengenawo ama burglar guards /gates. Baqikelele nokuya ezindaweni eziphephile zokuphuza nokuthi uma beya lapho baphathe imali yokuphuza ukugwema amacala enzekayo angenasidingo. Baqaphele uma bekhipha imali emabhange bangagcini isamba semali enkulu ezikhwameni nasemakhaya,”kusho uConst. Mbokazi.
“Ngithanda ukuxwayisa umphakathi ukuthi sesibone umkhuba omusha wokuntshontsha ezindaweni ezifana namagaraji kaphethiloli, kuhanjiswa amaphepha angamanga ukuze kuqashwe amathuluzi kagesi; ukuthengwa kwezimoto ezinkampanini ezidayisa izimoto nezingosi ze-inthanethi ezingamanga. Ungakhokhi idiphozithi yezinto ongazibonanga,” kuxwayisa yena. Amanye amathiphu angakugcina uphephile, yilawa; Njalo gcina iphinikhodi yakho ye-ATM iyimfihlo. Ungalokothi wabelane ngakho nanoma ubani noma ukubhale phansi. Yima eduze kakhulu ne-ATM futhi ungalokothi uvumele noma ubani ukuthi ame eduze kwakho noma akuphazamise ngenkathi uthenga. Uma imali isikhishiwe, yibeke endaweni lapho ungabonwa khona. Gwema ukuphatha imali esidlangalaleni. Vikela isikhwama sakho semali ngaphambi kokusuka endaweni ye-ATM.
Qaphela abantu ongabazi abakufonela emuva ku-ATM ukuze uqedele ukuthengiselana kwakho nabo. Ungalokothi uphoqe ikhadi lakho ku-ATM. Uma ikhadi lingamukelwa kalula yidivayisi, kungenzeka ukuthi liphanjaniswe yizigebengu. Ungalokothi usebenzise i-ATM uma ibukeka inephutha noma ibonisa ubufakazi bokuphazamisa. Uma ubuka imikhiqizo noma izinto zikagesi, hlola njalo futhi uqinisekise lokho okuthengayo. Bheka izinombolo zocingo esiteshini samaphoyisa ukuze uqiniseke ukuthi izimpahla azintshontshwa.






