Idinga usizo inhlangano

0
90
Inhlangano engenzinzuzo icela imnikelo ukuze izokwazi ukuqhubeka nezinhlelo zayo zokulekelela izingane zamantombazane ngezikudingayo

NHLANGANO engenzinzuzo iFutre Female Leaders inxusa umphakathi ukuba uyinikelele ukuze izokwazi ukuqhubeka nezinhlelo zayo zokusiza abafundi bamantombazane ngabakudingayo, ithi idinga kakhulu amaqakelo, izinsiza kufunda kanye nama-laptop.

Le nhlangano iphinde isize abafundi bakaGrade 10 kuya kuGrade 12 ngezifundo zabo, igxile kakhulu kwi-Accounting, Mathermatics, Physics kanye neChemical Sciences. Ithi ihlose ukuvulela izingane zamantombazane amathuba emkhakheni eyaziwa njengeyabantu besilisa. UNks Pertunia Shangase ongomunye wabasunguli bale nhlangano, uthe imkhankaso yabo igxile emalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Uthe kulo nyaka kube nzima kakhulu ngoba inhlangano inikelelwa amalungu omphakathi kanti ingxenye enkulu yabasizi bayo ikhahlanyezwe umvalelandlini. “Konke esikwenzayo kuncike kakhulu kwiminikelo yabantu, ngaphandle kwayo siyaphoqeleka ukuthi simise okuthile ukuze sizoqhubeka nokulekelela abafundi ngezifundo zabo ngoba ikhona okubaluleke kakhulu.

Siphinde sisize abakaGrade 12 ngokufaka izicelo emanyuvesi,” kusho uShangase. Uveze ukuthi abafundi bayazikhokhela izindleko zokufaka izicelo kodwa uma ephuma ekhaya elidonsa kanzima zikhokhelwa inhlangano, iphinde isize nasekufakeni izicelo zeNsfas. Uthe lokhu akwenzeki njengezifiso zabo ngenxa yokushoda kwama-laptop. “Uthola ukuthi sigcine sisize abafundi abancane esikoleni ngasinye ngoba sisebenzisa ama-laptop amabili, usuku luphela kukhona abangasizakalanga. Ngenxa yokuthi sisebenzela ezindaweni ezehlukene, kuba nzima ukuphinde sibuye siyosiza labo abasalile,” kuqhuba uShangase. Le nhlangano iphinde ibe nomkhankaso wokunikela ngamaqakelo, isinikele ngamaqakelo angaphezu kuka-2 700 kusukela yasungulwa ngo-2019.

UShangase uthe lokhu bakwenza ngoba bakholwa ukuthi akekho umfundi okumele ephuthe ukuya esikoleni ngenxa yesimo esingaphezu kwamandla wakhe. “Amaqakelo abuyisa isithunzi sabafundi. Avikela ukuthi bengagcini sebefeyila ngenxa yokweqiwa izifundo ngezinsuku abasuke bengayanga ngazo ezikoleni. Kulo mkhankaso sike saba nenhlanhla sathola umnikelo wamaqakelo angu-500 kuMnuz Lunga Zungu ongusomabhizinisi,” kusho uShangase. Uthe bonke abanesifiso sokulekelela le nhlangano banganikela ngokusemandleni abo. Inhlangano yamukela imnikelo kuphela, ayiyamukeli imali. UShangase uthe le nhlangano yanquma ukwenza lokhu ngoba ifuna ukuthi bonke abayinikelelayo bekhululeke, kungabi engathi bayisungulela ukwenza imali. “Seziziningi izigameko lapho abezinhlangano bekhohlisa abantu ngemisebenzi yabo ngoba befuna ukudla imali yomnikelo. Kule nhlangano asikwenzi okungalungile. Samukela esikudingayo kuphela. Lowo osinikelele uvumelekile nokusiphelezela uma sesikuhambisa kubafundi,” kusho uShangase.