Iqale ngesasasa eyezokuvakasha

0
88
UMnuz Chris Phili usihlalo weClermont Tourism emukela ngokomthetho izivakashi ebeziqhamuka eSoweto zizozwa ubumnandi baseThekwini kuyinyanga yezokuvakasha

ITHEKU libe ngelinye lamadolobha amakhulu abengowokuqala ukwamukela ithimba lezivakashi eziqhamuka kwezinye izifundazwe emkhakheni wokuqhakambisa amalokishi akuleli dolobha kwezokuvakasha.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba inhlangano ethuthukisa ezokuvakasha, iClermont Tourism ephethwe nguMnuz Chris Phili ngokubambisana nomsakazo waseGoli iJozi fm, behlele uhlelo lokuletha abantu baselokishini eSoweto esifundazweni saseGauteng bezozwa umehluko phakathi kwempilo ephilwa kulesiya sifundazwe nephilwa emalokishini aseThekwini. Kulolu hlelo abanye ababambe iqhaza okuyihhotela iTropicana engaphansi kwenkampani yamahhotela, iGooderson Leisure izivakashi zithole izithuba lezi nsuku ezingu-7 zitetemuka ngezikebhe futhi zibuye zihambele izindawo ezahlukene ezithathwa njengezamnyama emalokishini. Ngaphandle kokuzwa ukushaywa umoya wasolwandle nomoya wasemalokishini eMlazi eningizimu yeTheku, eNanda enyakatho yedolobha kanye naseClermont entshonalanga yeTheku, bekubuye kube nombuthano wokucobelelana ngolwazi ngezindlela zokuthuthukisa ezamabhizinisi nokwakha ubudlelwano phakathi kweTheku neGoli.

Echaza ngalolu hlelo uMnuz Phili uthe, “Lolu hlelo lusetshenzwa yiClermont Tourism neJozi fm Radio Station kusukela ngo-2009 ubudlelwano bethu besiqinisekisa ukuthi siyabaheha abavakashi ukuthi beze bazovakashela eThekwini, uma sebefikile sibayise koNanda Heritage site (indawo yaseNanda yamagugu), eThousands Hills (eBotha’s Hill), eBluff beyobuka imikhoma. Kulempelasonto esiphuma kuyo bazihambele izindawo zobumnandi njengase-Artezen Lounge, eNanda kanye naseMaxi’s Lifestyle Lounge, eMlazi konke lokhu sikwazi ukukwenza ngempumelelo sibambisene nehhotela elikhulukazi okuthiwa yiTropicana, elingaphansi kweGooderson Group ewusizo olukhulu ekuhleleni izindawo zokulala njengoba singapahnsi kwesifo sokhuvethe,”kusho uMnuz Phili. Uqhube wathi kumanje basezinhlelweni zokuhlela uhambo olulandelayo abazoluhlela ngokubambisana noMnyango wezokuVakasha ezingeni lesifundazwe lapho athe bafisa ukuthatha bonke abavakashi babahambise ezindaweni zokuvakasha ezisogwini lesifundazwe nasenyakatho ngoba iTheku linakho konke ongakucabanga ubuhle, indalo okunezindawo eziphezulu abantu abangazivakashela.

“Lokhu sikwenza ngokubambisana siyiClermont Tourism, iJozi fm Media Group kanye nehhotela iTropicana nesithembayo ukuthi namanye amahhtela azongenelela. Uhlelo lona lukhulile ngoba esikhathini esiningi siyathola ukuthi kubavakashi asebekhulile ababeka imali ngandawonye beyibekela ukuba bavakashe ngaso sonke isikhathi uma sesikwenzile ngoba sikwenza kabili ngonyaka babakhona esiye sibabone futhi uma sesiphinda, ngoba bebona indlela abaphathwa ngayo nenjabulo abayitholayo,”kusho uMnuz Phili. UNks Khosi Tyesi waseSoweto, uthe bathole imfudumalo eThekwini nobumnandi, wathi nethimba lo-DJ abehamba nalo le-Jozi fm belibanikeza lokho abakuthandayo emculweni kwezobumnandi njengoba bebehambela nezindawo zobumnandi, wathi ngaphandle nje kokuvakasha kodwa kuningi abakufundile ngasemkhakheni wezamabhizinisi. Ephawula ngalolu hlelo uNks Michelle Perumaul obhekele ezokumakethwa kwamahhotela eGooderson Leisuer, uthe ulubona luhamba kahle kakhulu loluhlelo ngoba linegelalelo elikhulu ekuqhakambiseni ubumbano nokwazi ukuthi abanye abantu baphila yiphi impilo, uthe ngokubona kwakhe selokhu loluhlelo lwaqala lubonakala lukhulu unyaka nonyaka ngokuheha ezokuvakasha.