
KUSUKELA ngoMsombuluko kulelisonto beziqinisiwe izinhlaka zezokuphepha komphakathi ngemuva kokusabalala ezinkundleni zokuxhumana kwesimemezelo somnyakazo wokuvalwa kwezwe obekufanele uqale ngawo uMsombuluko.
Lomnyakazo ubuhambisana nomyalelo wokubhikeshela ukwehliswa kukaMnuz Cyril Ramaphosa esikhundleni sokuba nguMengameli wezwe. Cishe zonke izinhlaka zezokuphepha zomphakathi beziyingxenye yokugada izindawo ezithathwa njengezatatshwa kakhulu ngezibhelu zangengenyanga edlule. Yize I-African National Congress (ANC) esifundazweni nezinhlangano edlelana nazo zikuphika ukuba yingxenye yalezi zinhlelo obekulindeleke ukuthi kube nemibhikisho ngoMsombuluko ebizoqodwa ehhovisi elikhulu lale nhlangano eThekwini, kodwa ithimba elididiyele ezokuphepha elixuba amasotsha, amaphoyisa kanye nezobunhloli, iNational Joint Operational and Intelligence Structure ( (NatJOINTS) iqinise ezokuphepha. Kusukela ngoMsombuluko ezindaweni ezahlukene ezihanjelwe yileli phephandaba bekuqiniswe ezokuphepha. Phakathi kwazo kubalwa eNew Germany, Pinetown, Cowies Hill nakwezinye izindawo ezokuphepha beziqinisiwe. Elinye lamapheshana libalule ezinye izindawo njengeziyinyama kakhulu kakhulu uma sekuqala lomkhankaso, okubalwa imishini yokukhipha imali, kusukela eKingsmead, eThekwini kuya elokishini KwaMashu, ukugaselwa ezindaweni eziwumgogodla wamanzi nogesi, eMlazi, eMayville, ePinetown. Ukuhlaselwa kwezinxanxethela zezitolo iPinecrest, KwaMnyandu, Bridge City kanye nezimboni ezigcina ukudla eThekwini namaphethelo.
Ngokwepheshana ebelisatshaliswe ezinkundleni zokuxhumana libalule, ukuthi imashi ebihlongozwe ngoMsombuluko obekufanele isukele ePaki eKing Dinuzulu ithinta i-ANC, South African Communist Party (SACP), ANC Youth League (ANCYL), uMkhonto We Sizwe Military Viterans Association (MKMVA) kanye neSouth African National Civic Organisation (SANCO). Lezi zinhlangano ziziqhelelanisile nalemashi ebizophelela ePixley Ka Isaka Seme. UNobhala we-SACP kulesi sifundazwe, uMnuz Themba Mthembu, uthe abanalwazi ngale poster futhi abahlanganise lutho nayo, wathi ukutapa, nezehlakalo ezenzeke ngenyanga edlule abahambisani nakho futhi basakugxeka beyinhlangano yamaKhomanisi. Okhulumela I-ANC efundazweni, uMnuz Nhlakanipho Ntombela naye izikhahlele ngazo zombili eyalomashi, wathi abahlanganise nalutho nayo, futhi abazi ukuthi ibihlelwe ngobani besebenzisa ne-logo yenhlangano. IMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda, naye ubeqinise idolo umphakathi waseThekwini ukuthi konke kuzobe kuhamba ngohlelo, futhi kuzobe kuyizinsuku zokusebenza ezijwayelekile, ezokuphepha zizobe eziqinisiwe. Nondunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, uthe lemibiko ezwakele angeke bayibukele phansi bazoqinisekisa ukuthi ukuphepha komphakathi kuyenzeka, ukuze kungaphinde kwenzeke okwenzeke ngenyanga edlule.






