Benqabe ibheyili abasolwa ngesehlakalo sasePhoenix

0
199
Izinsizwa ezintathu ezisolwa ngokubulala ePhoenix enyakatho yeTheku zivele phambi kwemantshi eNkantolo eVerulam ngoLwesine

ABASOLWA abathathu abhakene nezinsolo zokuba nesandla ekubulaweni kwabantu abalinganiselwa kwabangu-31 ePhoenix enyakatho yeTheku, bashaye ungqimphothwe eNkantolo yeMantshi eVerulam ngoLwesine olwedlule ngesikhathi benqaba ibheyili.

Abasolwa okuyizelamani zakwaGovender uDylan nomfowabo uNed Govender kanye noJeetendra Jaikissoon benqabe ibheyili eNkantolo yeMantshi. Bamelwe nguMmeli, uCarl Van Der Merwe. Ngesikhathi bevela enkantolo ngaphambi kokuba bathole ummeli omusha, balaxazwa yithimba labameli elaliholwa ngu-Adv Kasie Naidu. Leli cala eselidonse amehlo amazwe liyingxenye yesehlakalo sokubulawa ngesihluku kwabantu abalinganiselwa ku-300 kulesi sifundazwe naseGauteng, ngesikhathi kunezibhelu ebezihambisana nokucekelwa phansi kwezitolo, ingqalasizinda nokutapa impahla.

UMmeli uVan Der Merwe uthe ukuhlehliswa kwaleli cala okulindeleke ukuthi ukuqulwa kwalo kuqhubeke ngoSepthemba 13 kumnikeza isikhathi esanele sokuthi aqoqe yonke imininingwane.