Ithekele ulwazi intsha yaseMlazi

0
55
Abaholi bentsha bacobelele ngolwazi olubalulekile ezimpilweni zabantu abasha

INTSHA yaseMlazi ikhunjuzwe ngokubaluleka kokuzivikela kwizifo ezithelelana ngokocansi ngokuya ocansini oluphephile, kanye nokubaluleka kokuhlelwa kwemndeni ngenkathi kuneYouth Health Summit ebisehholo lomphakathi elisesigcemeni sakwa-M kulo leli lokishi.

Iphinde yafundiswa ngezindlela zokunakekela imzimba yazo, kanjalo nemiphumela yokudla ukudla okunempilo. Izikhulumi zale ngqungquthela zigcizelela ukuhambela kude nokusetshenziswa kwezidakamizwa, zakhuthaza nokubambisana uma kukhona osabhekene nesikhathi esinzima. Izikhulumi zengqungquthela bekungabaholi bomphakathi, intsha esiphumelele, abaholi bezinhlangano zomphakathi, abasebenzi bezempilo kanye nabasebenza emahhovisi ehlukene kuMasipala weTheku. Iphinde yasetshenziselwa ukukhumbuza intsha ukuba ibambe iqhaza ekuthuthukiseni izwe.

UNks Mbali Mzobe oyiNxusa leDetermined, Resilient, Empowered, AIDS-free, Mentored and Safe (Dreams) Programme, uthe bakhethe ukuhlanganisa intsha ndawonye ukuze izokwazi ukukhuluma, iphinde ibuze ngezinkinga ebhekene nazo ngaphandle kokwesabela okuzoshiwo abantu abadala. “Kunzima kubantu abasha ukuba bebuze imibuzo ngocansi uma kukhona abantu abadala, yingakho begcine sebethatha izinqumo ezingezinhle ngoba basuke bengenalo ulwazi olwanele. Ukubahlanganisa bonke ndawonye kubanika nethuba lokuthi bephinde bexoxe ngababhekene nakho bebodwa,” kusho uMzobe.

Le ngqungquthela ihambisane nokuhlolwa kwezifo ezifana nesomdlavuza, isandulelangculazi, iCovid-19. Intsha inikwe nemishanguzo yokuvikela ukuthi wesuleleke ngesandulelangculazi iPrEP. Kuthintwe nakwizihloko zodlame lwasekhaya kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. UNks Lethukukhanya Sishi obengomunye wezikhulumi, ugxile kwizinkinga ezikhungethe abantu abathandana nobulili obufanayo. Uthe kusemqoka ukuthi umphakathi ubamukele, wathi ukuhlukunyezwa kwabo kanye nokuthola izifo ezesuleleka ngokocansi kungenxa yokuthi azanele izinhlelo zokubasiza, futhi kusekhona ukucwaswa abahlangabezana nakho.  “Ukuthola ithuba lokuba ingxenye yezinhlelo ezifana nalolu kusinika ithuba lokuba sifundise ngokushintshwa kobulili. Phambilini besingesiyo ingxenye yezinhlelo zikahulumeni kodwa manje sesiyawubona umehluko. Kuyasijabulisa ngoba kutshengisa ukuthi nathi singabantu abanamalungelo,” kusho uSishi. UMnuz Nkosikhona Mpungose onguMqondisi weYouth Inter-Active, ugcizelele ukubaluleka kokuya ocansini oluphephile. Uthe abantu