Ongenele uZime weTheku nenselelo entsheni

0
71
UZamashobane Masinga (20) ozimisele ngokwenza umehluko entsheni uma enqoba isicoco sokuba nguMiss Durban 2021

ISIMADZADZA sentokazi esingenele uZime weTheku ka-2021 sibona intsha ithuthuka imihla ngemihla ngasemkhakheni wamakhono omqondo nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, kuphela okushodayo yintshisekelo yokusebenza kanzima.

UZamashobane Masinga (20) waseClermont, eFannin, entshonalanga yeTheku oqalayo ukungenela lomqhudelwano lokhu ukusho ngesikhathi enengxoxo naleli liphephandaba ngemuva kokuba ngenye yezintokazi eziqokelwe ukuqhudelana emncintiswaneni kaMiss Durban 2021. Ngokusho kukaZamashone ongumfundi eBerea Technical College lapho enza khona izifundo ezipghathelene nomkhakha wezokuphepha, iHospitality and Catering, into emgqugquzele ukuthi angenele lomqhudelwano ukubona indlela enhle yokuzigcina ematasa, wathi futhi kuyisinyathelo sokuqala ekuletheni ushintsho emphakathini nakuyo intsha.

Ephawula ngalomncintiswano kaMiss Durban uthe, “Ngokwazi nokubona kwami umcintiswano wokugqugquzela iyouth (intsha) yabesfazane ukuthi izithande, iziphathe kahle, izamukele njengoba injalo. Uphinde ugqugquzele ukusebenza ngokuzikhandla, nokufaka isandla ekusizeni abampofu noma abaswele”. “Iyouth yamanje isithuthuke kakhulu ngokomqondo, sekulula futhi ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukwenza yonke into. Ngokubona kwami ayikho into engahlula i-youth (intsha). Siyi youth (intsha) sishoda ngentshisekelo yokusebenza kanzima, kuningi ukubukelana phansi, ukungahloniphani nokuthathana kancane nokuyinto okufanele siyikhiphe emqondweni nasemizweni yethu,”usho kanje. Ngokubona kwakhe lomcintiswano ubuye ube yindlela enhle yokusebenzisana kwentsha yabesfazane nokugqugquzela ukuzwana nokwesekana nokuzithanda. Isifiso sakhe esikhulu uma kwenzeka ephumelela kulomqhudelwano ngoba uthi unokuzethemba okukhulu, ukushintsha okuninga ikakhulukazi ukubukelana phansi entsheni abesfazane. Uphethe ngokuthi: “Amandla esinawo siyintsha awokushintsha indlela esiphila ngayo awalinganiswa nalutho, kulele kuthina ukuthi sixoshe ikati eziko siphinde siphumelele ngazo zonke izindlela,sibeke uNkulunkulu phambili siphinde singakhohlwa la siphuma khona”.