
UYINYATHELE emsileni uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, ngokuthi izinga lobugebengu liyaqhubeka nokwenyuka ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Nakuba abaningi bethi inkulumo kaCele itshengisa ukucwasa abokufika, kodwa ungqongqoshe uthe kuyiqiniso elingeke libalekelwe ukuthi kunzima ukubopha abantu abavela kwamanye amazwe abenza ubugebengu kuleli. Uthe lokhu kwenziwa ukuthi ayikho indlela yokulandelela ngoba ayikho imininingwane yabo egciniwe. Uthe kumele beqoqwe bonke bebuyiselwe emazweni abaqhamuka kuwo. Uthe amaphoyisa ayazama ukulwisana nobugebengu ababenzayo. “Asibacwasi abokufika futhi ukusho lokhu akusilo udlame olubhekiswe kubo. Wonke umuntu unelungelo lokuba lapho athanda khona kodwa kumele ebe khona ngendlela ehambisana nomthetho. INingizimu Afrika izokwamukela abanamaphepha okuba kuleli kuphela,” kusho uCele. UMnuz Vusi Khoza onguSihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uthe isitatimende sikaCele siwubulima ngoma ngenkathi yena kanye namanye amalungu e-ANC elwa nohulumeni wobandlululo abalekela kwamanye amazwe. Uthe i-EFF ayivumelani nalokhu ngoba kuzokwakha uqhekeko phakathi kwabakuleli nabokufika ekubeni kusaqhutshwa izinhlelo zokuhlanganisa onke amazwe ase-Afrika.
“UCele benze ubudedengu ngokusho into ifana nale. Asikwazi ukugqugquzela inzondo phakathi kwezakhamuzi zase-Afrika. Sonke siyadingana. UCele akenze umsebenzi wakhe elwe nobugebengu ngoba abunabuzwe, awukho umehluko phakathi kobugebengu obenziwa izakhamuzi zakuleli nezakhamuzi ezivela kwamanye amazwe. Ubugebengu buyefana,” kusho uKhoza. UMnuz Blessed Gwala okhulumela i-IFP kwezokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal, uthe uyavumelana noCele kodwa lokhu kutshengisa ukuthi uhulumeni uyehluleka. Uthe inkinga eholela kulokhu ukuthi uhulumeni uyehluleka ukusebenza ngendlela efanele, akuphasiswa imithetho ezovikela izakhamuzi. Uthe umphakathi awusazizwa uphephile ngenxa yokungathathwa kwezinqumo eziphusile. Amaphoyisa ayawenza umsebenzi ngokwawo ebese kufika lapho ehluleka khona. Sidinga ukuthi uMnyango wezaseKhaya kanye noMnyango wezokuVikela ibambisane namaphoyisa. Yonke le mnyango iyabandakanyeka odabeni lobugebengu obenziwa abokufika kuleli,” kusho uGwala othe lokhu kwenziwa ukuthi awukho umthetho eNingizimu Afrika. UMnuz Burhaan Abdikadir ongowokudabuka kwelaseSomalia osebenza esitolo esithengisa ukudla nezinto ezincane enkabeni yedolobha, uthe uphoxekile ngokuthi isikhulu sikahulumeni singakhuluma ngale ndlela. Uthe bayakuqonda ukuthi kukhona abokufika abenza ubugebengu. “Nathi singabokufika siyazesaba izigebengu. Ziyasigebenga, azikhethi ukuthi sisuka nazo emazweni angaphandle. Indlela okwenzeke ngayo izokwenza ukuthi izakhamuzi zakuleli zisihlasele sonke ekubeni singenacala. Akuqondwe izigebengu, siyekwe thina esiyihloniphayo imithetho,” kusho u-Abdikadir.






