Izinsolo ngokubulawa komphathisiteshi

0
80

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele, usule ukuthi ukubulawa kwebamba loMphathisiteshi waseNdwedwe uLieutenant Colonel Jabulani Ndawonde bekuhleliwe.

UMnuz Cele lokhu ukusho ngesikhathi eyohlanganisa amehlo namaphoyisa asebenzela esiteshini eNdwedwe, wabuye wavakashela umndeni kaLieutenant Col Ndawonde eyokhalisana nawo eNgcongangconga, e-Appelsbosch, enyakatho yeTheku. UNdawonde ongcwatshwe ngokohlelo lombuso ngoMgqibelo udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa ngoMsombuluko odlule ngaserenke yamatekisi eBhamshela. Kuthiwa ubesemotweni egoduka ngesikhathi edutshulwa ngabantu okuthiwa bebehamba ngeloli. UMnuz Cele ufike esiteshini samaphoyisa ekuseni ngoLwesine ehamba noKhomishana wamaphoyisa uKhehla Sithole ukuzokhuza nokuzodlulisa amazwi enduduzo. Ubambe inguyazana nabaphenyi becala. Ngemuva kwalokho wahlangana nobuholi bukamasipala waseNdwedwe baxoxa namalungu ombutho wamaphoyisa abezivela kuso sonke isifundazwe ehholo eJohnny Makhathini, lapho kubanjwe khona inkonzo yesikhumbuzo kwabuye kwakhuzwa ulaka nezehlo zobelelesi.

UCele uthe kuyacaca ukuthi bekuhlelwe kahle lokhu kubulala.”Yinye into eqinisekile, kukhona umuntu obemfuna efile. Sitshelwa ukuthi endaweni yesehlakalo kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ezibhamu ezahlukene, lokhu okukhomba ngokusobala ukuthi lomuntu ubemfuna efile,” kusho uCele. Ephawula egameni lekomidi elibhekele intuthuko yomphakathi, iNdwedwe Development Committee, uSolwazi Archbishop TB Ngcobo, uthe, balimele kakhulu ngokudutshulwa  komphathi steshi saseNdwedwe ubaba uLt Col Jabulani Ndawonde (56), omchaze njengephoyisa langempela eNdwedwe. “Umuntu obekwazi nokumvusa kwakhe ebusuku asalele akuthumelele amaphoyisa, iphoyisa ebelikwazi nokufika lodwa ngakusasa lizobuza ukuthi ugcine usizakele yini futhi ziningi izinhlelo esinazo siyi-CPF nokwakha iNdwedwe ephephile umuntu obekwazi ukusebenza nomphakathi kungekho nelilodwa iphoyisa, engacheme namuntu,” kusho uSolwazi Ngcobo.

“Sakhala ngokusebenza kwamaphoyisa aseNdwedwe wathi kusukela manje anothinta mina uma ningalutholi usizo nangempela wasebenza ngezwi lakhe sabamba eziningi izigebengu, waphinde wasivulela amanye amacala ukuthi akaphenywe saqala nokusethemba isiteshi samaphoyisa,” kuqhuba uSol. Ngcobo. “Sibuhlungu sonke siwumphakathi waseNdwedwe, sicela uma kukhona onolwazi ngababulali athumele nakithi singamalunga omphakathi. Sifisa ukuthola amaphoyisa ayofana noNdawonde,” kuphetha uSol. Ngcobo. UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi, uNkk Peggy Nkonyeni, usigxekile lesi sehlakalo, wathi amaphoyisa kufanele aqinisekise ukuthi “ayazivikela” ezigebengwini. “Ukubulala iphoyisa noma likusiphi isigaba kuwukuhlasela umbuso futhi nokuhlasela umthetho. Ngaleyondlela alikho iphoyisa okufanele life libe linesibhamu esandleni, kodwa kufanele bazivikele ngendlela ehlekile. Ukusongelwa nokubekwa engcupheni kwempilo yamaphoyisa ngeke sikubekezelele, futhi sinxusa amaphoyisa ukuba azivikele ngayo yonke indlela uma ehlaselwa,” usho kanje emithonjeni yezindaba.